Udilikajele enkabini eyabulala uthisha ngenxa yomyeni “onomona”

277

PHUMLANI GAMA

IGWETSHWE udilikajele yiNkantolo eNkulu yaseMthunzini ngoLwesihlanu inkabi yaseMandeni, elahlwe yicala lokudubula, ibulale uNkz Thumamina Nsele (39), owayenguthisha eMabululwane Primary School, eNquthu. 

UPhilani Hlabisa (36), ugwetshwe ngemuva kokulahlwa yicala lokubulala nelokutholwa nesibhamu nezinhlamvu okungekho
emthethweni. Inkantolo ithasisele ngeminyaka ewu-13 azoyibhadla ejele ngecala lesibhamu nezinhlamvu. Ukugwetshwa kwakhe kwelama okukaZwelithini Ngcobo ongumyeni kamufi, okumanje udonsa iminyaka ewu-20. 

ILANGA labika kabanzi ngodaba lukaNkz Nsele owahlaselwa ngababulali ababili elungiselela ukuphuma emzini kanina
ngo-2020. Umakhelwane kamufi, uMnu Lwazi Ntuli, uthe sihle isigwebo esinikwe uPhilani, sizothumela umyalezo oqinile nakwabanye abesilisa abanomona ngempumelelo
yabesifazane. 

“UNgcobo wayenomona wokuthi umufi usezakhele indlu ngemali yakhe ekubeni yena wayekade esehlulekile wukumakhela,” kusho uNtuli. 

phumlani@ilanganews.co.za

KUSUKA kwesokunxele nguPhilani Hlabisa, nguNkz Thumamina Nsele noZwelithini Ngcobo.

Previous articleImantshi enkantolo ngamacala enkohlakalo
Next articleKuthiwa ubungenaso isibusiso umshado womhlengikazi “obulawe” ngumyeni