INTATHELI YELANGA
UGIXABEZE ngodilikajele yiNkantolo eNkulu yaseScottburgh ngoLwesihlanu owesifazane olahlwe yicala lokubulala udadewabo owayeyiphoyisa.
Kubikwa ukuthi le nkantolo igwebe udilikajele uBongeka Somani (43) ngecala lokubulala uSergeant Nokuthula Somani (55).
Ngokwesitatimende esithunyelwe ngoKlebe, uSgt Somani wabulawa esemzini wakhe oseMzimkhulu ngoMbasa (April) wangonyaka odlule. Siqhuba sithi, uSgt Somani wayesebenzela esiteshini samaphoyisa khona eMzimkhulu kanti ngosuku abulawa ngalo, wayengasebenzi.
Kuthiwa kwangena abasolwa ababili abangazange basho lutho, bavulela ngenhlamvu bebhekise kuyena, maqede bashaya bachitha.
Isitatimende sithi kwavulwa icala lokubulala esiteshini samaphoyisa e-Ibisi, idokodo ladluliselwa koKlebe, ePort Shepstone, ophikweni olusebenza ngamacala obugebengu obuhleliwe.
Sithi uphenyo lwamaphoyisa lwaholela ekuboshweni kukaSiyabulela Mbhele (25) ngoNtulikazi (July) wonyaka odlule. Ekuhambeni kwesikhathi, kwaboshwa udadewabo kamufi.
Kuthiwa uBongeka waboshwa esemsebenzini esiteshini samaphoyisa e-Ibisi lapho ayengumabhalane khona.
Isicelo sakhe sebheyili kubikwa ukuthi sachithwa, wagcinwa esitokisini kwaze kwaba uyagwetshwa.
USiyabulela yena ugwetshwe ngoNcwaba (August) wonyaka odlule. Ugixabezwe ngeminyaka ewu-22 ebhadla ejele.