PHUMLANI GAMA
IGWETSHWE udilikajele intombi eyabulala isoka layo elaliyikhansela lakuward 17 kwaMajomela, KwaNongoma ngoba ibalekela ukulikhokhela imali eyayilikweleta yona njengoba lalingumashonisa.
INkantolo eNkulu yaseMgungundlovu igwebe uNonjabulo Nkosi (37) nelinye isoka lakhe uXolani Mtambo (38) ababehlangene nalo ngesikhathi bebulala uMnu Dumisani Qwabe (47), owayeyikhansela ngethikithi le-NFP.
ILANGA labika kabanzi ngesigameko sokubulawa kukaQwabe ngoMfufu (October) 2021, isidumbu sakhe esatholakala emgwaqweni ophakathi kukaNongoma noPhongolo ngemuva kokuba wayephume emzini wakhe eyohlangana noNonjabulo owayenobudlelwane bezothando naye. Kwatholakala izinsalela zesidumbu sakhe zinezimpawu zokudutshulwa zashiswa ngomlilo kanye nemoto yakhe. Umufi wayengusomabhizinisi owaziwayo endaweni owayebuye abe nebhizinisi lokubolekisa ngemali. Wayengumfundisi kwelinye lamabandla asezayoni kuyona le ndawo.
ILANGA labika amahlandla amaningi ngesigameko sokubulawa kukaQwabe. UNonjabulo wayenguthisha oyitoho kwesinye sezikole zasendaweni. Ziningi izinsolo ezenziwa ngamalungu omndeni, awomphakathi nabasondelene nomufi. Phakathi kwezinsolo ezikade zikhona kwakusolwa ukuthi ukufa kwakhe kuhlobene nombango wokungaboni ngaso linye ngokwezepolitiki yaKwaNongoma okuyilapho khona abanye babeze baligagule neqembu abalisola ngokuba nesandla ekufeni kwakhe. Elakuleli lalikade lizobamba ukhetho lohulumeni basekhaya olwaluzobanjwa ngomhlaka 01 kuLwezi (November). Umufi walunqoba ukhetho esevele eshonile.
Ungqongqoshe wamaphoyisa kuleli uMnu Bheki Cele owazifikela yena emzini kamufi, wazwakalisa ukushaqeka okukhulu ngesihluku okwabulawa ngaso umufi maqede wajuba ithimba eliyisipesheli labaphenyi abasezingeni lesifundazwe.
NgoLwesibili inkantolo ikhiphe isigwebo kuleli cala. Amalungu omndeni kanye namalungu eqembu likamufi abekhona enkantolo. Ngokobufakazi obethulelwa yinkantolo, kwavela ukuthi umsolwa wokuqala wahlela ukuhlangana nomsolwa wesibili bakhanda itulo lokubulawa kukamufi. UMtambo uyena owahlela isibhamu okwadutshulwa ngaso umufi. Baphinde bahlangana egaraji bathenga uphethiloli ashiswa ngawo maqede wafonelwa nguNkosi ukuba bahlangane.
Umthombo waleli phephandaba ulitshele ukuthi kusukela luqala lolu daba, kwakusolwa yena uNonjabulo. “Ngaphambi kokuba aphume ekhaya lakhe uQwabe eyohlangana nalona wesifazane, wayecele umndeni ukuba umkhulekise ngoba uzizwa eshiywa wumzimba sengathi kukhona okubi okuzomehlela kulolu hambo ayekade ezoluthatha. UNonjabulo wayevele engafunwa esikoleni ayebambe kusona itoho kodwa wafakwa nguthishanhloko ngenkani yakhe okuthe uma eseboshwa kwagcina sekuthinteka othisha abaningi, kuthiwa mabayofakaza nabo ngezimali abehlala ngokuzifuna nakubona ngoba ezama ukuphambanisa uphenyo ngoba enolwazi lokuthi uyaphenywa ngezimali zikaQwabe ayezidla nendoda yakhe aboshwe nayo,” kusho umthombo.
Ekhuluma naleli phephandaba uMnu Mshangane Ndabandaba ongusihlalo weNFP KwaNongoma futhi obekhona enkantolo uthe bayasemukela isigwebo esikhishwe yinkantolo.
“Ngokubuka kwethu inkosazane lena iqoke ukuvikela abantu eyayikade ibambisene nabo kubulawa uQwabe. Wayengeke ambulale eyedwa. Siyasemukel isigwebo asitholile. Siyajabula futhi nangokuthi bephucwe ilungelo lokuphatha isibhamu. Okunye okuvelile wukuthi ngosuku okwenzeka ngalo isigameko laba babuye bayolala ndawonye. Ukubulawa kukaQwabe kwashiya izintandane eziningi ngoba lomuntu wayekwazi ukondla izingane eziwu-20 ezazikade zihlala emzini wakhe,” kusho uNdabandaba.