Okhulumela uhlangothi lwaseBuhleni uthi basola ukuthi laba abenze lokhu bebethunyiwe
TSEPO MOLEFE
USEPHILISA okwenyamazane owesilisa waseKranskop, odindwe ngenduku kade elamulela umvangeli waKwa Shembe ohlaselwe ngabantu esemgwaqweni ephuma ukuyovangela ntambama ngeSabatha, bamshaya waze wahanjiswa nqunu. UMnu Sicelo Mpungose waKwaNtunjambili, ubabaza isihluku sabesilisa abaziyo, abafice ngezikhathi zantambama ngoMgqibelo bevimbezele uMnu Bongani Mtshali ongumvangeli waseThempelini laseZihlabathini ohlangothini lwaseBuhleni, bemnenebula ngemishiza baze bamkhumula abekugqokile wasala nqunu.
ILANGA lithole ukuthi uMnu Mtshali ubesephenduke indaban egudwini eKranskop ngenxa “yamandla amanzi” akhe nasekuthandazeleni abantu, aqaqe izinkinga ababhekene nazo. Kuthiwa abantu bebethutheleka emzini wakhe nezigubhu zamanzi, intsha iphethe ama-CV eyothandazelwa ukuze iqashwe. Elandisa ILANGA uMnu Mpungose, uthe ubephuma emsebenzini elibangise kwakhe KwaNtunjambili, wabona imoto kaMvangeli Mtshali, ipake eceleni komgwaqo kunabesilisa bengunge othile. Uthe wehle kweyakhe ngoba ubebona imoto kamvangeli owaziwayo KwaNtunjambili kodwa yena engamboni phakathi.
“Ngiqonde kulaba balisa ngabona abanye engibaziyo, ngababuza ukuthi kwenzenjani emotweni kamvangeli. “Baphendukele kimina ngambona umvangeli enqunu phakathi kwabo, opha kanzima, bajikele kimina isibhaxu ngaze ngawa phansi. Bangishaye yonke indawo kwasinda amankwahla ngoba acashile. “Kangazi ukuthi umvangeli uphunyule nini wabaleka ngoba bese begxile ekushayeni mina. “Ngiyabazi abanye balababalisa noma singajwayelene nabo. Babuyele evenini lika likamvangeli baligingqa lalala ngohlangothi. Ngithole ithuba ngaphulukundlela ngayobika emaphoyiseni aseKranskop.
“Kungixakile uma amaphoyisa efuna icala livulwe umnikazi wemoto obehlaselwa, engitshela ukuthi mina ngizoba wufakazi ngengikubonile. Ngakusasa ngeSonto kutheleke abantu ekhaya ebusuku besho ukungena nezicabha. Ngisizwe wukuthinta amaphoyisa babaleka. “NgoMsombuluko ngizwe kuthiwa umvangeli Mtshali usesibhedlela saKwaNtunjambili, nakhona ufike ehamba nqunu,” usho kanje. ILANGA lithinte uMvangeli Mtshali osiqinisekisile isigameko. Utshele leli phephandaba ukuthi akakwazi ukukhuluma kahle ngenxa yezinhlungu ezimbambile kwazise akakaphumi esibhedlela.
“Yebo ngihlaselwe ngabantu kodwa kangikwazi ukwenaba kakhulu ngenxa yokubanjwa yizinhlungu. Kuzothi uma sengiphuma lapha esibhedlela bese ngiyovula icala emaphoyiseni ngoba bengingakawabikeli,” kusho uMvangeli Mtshali. Okhulumela amaNazaretha ngaphansi kohlangothi loNyazilwezulu, uMnu Thokozani Mncwabe usigxekile lesi sehlakalo, wathi sithunaza isithunzi sebandla ngokuhlaselwa kwabagcotshwa. “Sisola ukuthi laba ebenze lokhu bebethunyiwe ukufeza inhloso ethile. Sizocela amaphoyisa asebenze kanzima ukuze kutholakale abenzi bobubi bajeze ngabakwenzile,” ubeke kanje. ULieutenant Colonel Nqobile Gwala okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uthe amaphoyisa aseKranskop aphenya amacala amabili okushaywa kwabesilisa nelokucekelwa phansi kwempahla kulandela ukuhlaselwa kwabo ngabantu abangaziwa ngakwaMxhosa khona eKranskop. Uthe bekungakaboshwa muntu uphenyo lusaqhubeka.