Udinga u-R500 000 onesifo esingajwayelekile esibindini

539

Kuthiwa uzokukhokhela ukuhlinzwa ngoba akasona isakhamuzi saseCape Town

UNKZ Sinenhlanhla Ngubane, odinga ukukhishwa isibindi afakwe esisha.

NONHLAKANIPHO SHINGA
AKAZIMISELE ngokulahla ithemba ngempilo yakhe owesifazane waseMpophomeni, eHowick, ohlaselwe yisifo esingajwayelekile esibizwa nge Auto Immune Hipatitis, okuyisifo esihlasela isibindi. Lona wesifazane uthi udinga u-R500 000 ukuze kukhokhelwe izindleko zokwelashwa kwakhe okuhambisana nemishanguzo. ILANGA libe nengxoxo ekhethekile noNkz Sinenhlanhla Ngubane (22), osilandise kabanzi ngesifo esiqale ukumhlasela eneminyaka ewu-15 ubudala ngesikhathi exinwa wukugula, kodwa kwangatholakala ukuthi uguliswa yini, engena ephuma ezibhedlela. Ukugula kumqale ngonyaka ka-2015.


Uthi uqale ukwelashelwa ukugula kwakhe esibhedlela i-Edendale ngawo lowo nyaka, okuthe uma lesi sibhedlela sihluleka wukumsiza, samdlulisela eGrey’s, khona eMgungundlovu. Uthi odokotela bamtshele ukuthi basola ukuthi unejondisi (jaundice), okuyisifo esenza amehlo ashintshe, abe phuzi (yellow). Ngaleso sikhathi uthi amehlo akhe ayeseshintshile, ezitshela ukuthi uhlaselwe yiyona ngempela. Uthi ube eseqala esebenzisa imishanguzo eyahlukene ukuselapha. Uthi ube eseqala ukuvuvukala umzimba, okuyilapho edluliselwe khona esibhedlela iNorthdale ngo-2017, baqhubeka nokumnika imishanguzo abevele eyidla, yagcina isimgulisa kakhulu kunakuqala.


“Ngo-2017 omakhelwane bahlanganise imali, ngakwazi ukungena esibhedlela esizimele, i-Medi Clinic, ngibe sengihlolwa kabusha kwatholakala ukuthi isibindi sami sinenkinga. “Kunodokotela ongixhumanise nomunye udokotela osesibhedlela i-Groote Schuur, eCape Town, owenze imizamo yokuthi ngiye kulesi sibhedlela. “Ngemuva kokufika khona babe sebengihlola, bathola isifo esingiphethe, okuthe uma besichaza, bathi kunama-cells okuyiwo agcina esehlasela isibindi,” kusho yena. Ngemuva kokubuya khona uke waba ngcono kodwa kwaphinda kwaqala phansi njengoba ethi uke wanesikhathi eside ngonyaka ka-2020, asichithe e-Inkosi Albert Hospital bezama ukumsiza.


Ngonyaka odlule kusukela ngoNtulikazi (July), uphinde wangena kulesi sibhedlela egcinwe egunjini labaxinekile ekhishwa amanzi emzimbeni njalo ngemuva kwezinsuku ezimbili noma kosuku. Uthi ukhulume nomunye wodokotela ukuthi ucela amxhumanise nodokotela abakulesi sibhedlela esiseCape Town, mhlawumbe kukhona abangamsiza ngakho. “Bese ngibona ukuthi balahla ithemba, kabasazi ukuthi bangangisiza kanjani. “Nakhona lapho kukhona abangisizile bangithengela amathikithi ebhanoyi ngaphindela kulesi sibhedlela ngoba ngase ngixineke kakhulu.


“Bafike bathola ukuthi isibindi besithintekile (infection), obese kwenza umzimba wami ube namanzi kakhulu. “Bakhale ngokuthi yize befisa ukungisiza ngokuthi ngifakelwe isibindi esisha, kodwa ngoba kangiyena owakhona, ngeke ngikwazi ukusizakala,” kusho yena.
Uthi njengamanje usephinde waxhumana nabo, bathi bangakwazi ukumhlinza kodwa kuzomele akukhokhele lokho njengoba engesona isakhamuzi saseCape Town. “Isiyonke imali edingekayo ingu-R500 000 okuhlanganisa nemithi yakhona ebiza u-R9 000 ngenyanga. Bathi bazongihlinza bangifake isibindi esisha. Imali engisayitholile ngeminikelo ilinganiselwa ku-R20 000. “Ngingajabula kulabo abangakwazi ukungilelelela,” kusho yena. Labo abafisa ukwelula isandla bangaxhumana nale ntokazi noma bangashayela leli phephandaba bese umbhali wodaba ebaxhumanisa noNkz Ngubane.
nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Previous articleIDowns isola iChiefs ngobuxoki
Next articleIzindaba ezinoju kwabasiza othisha