UDINWE UYAQHUMA UMQEQESHI WE-CHIEFS

1179

SENZO SOKHELA

UDAYLON Claasen ovalele amagoli amabili iMaritzburg United iguqisa iChiefs ngo-2-1 koweligi ngoMgqibelo eFNB Stadium, eGoli. ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

UDINWE uyaqhuma u-Ernst Middendorp ongumqeqeshi weKaizer Chiefs yisenzo sabadlali bakhe, abasola ngokungayilandeli imiyalelo yakhe.
IChiefs iguqiswe yiMaritzburg United ngo-2-1 kowe-Absa Premiership ngoMgqibelo kusihlwa eFNB Stadium, eSoweto. Womabili amagoli okunqobe ngawo iMaritzburg avale-lwe enethini nguDaylon Claasen, kwathi eleChiefs lashaywa nguSamir Nurkovic.
IChiefs isihlulwe kathathu kwiligi ngale sizini.
UMiddendorp uthi simnengile isenzo sabadlali bakhe kulo mdlalo.
“Ikhona imidlalo obekufanele sihlulwe kuyona kodwa hhayi lona, bekungafanele.
“Sithole inqwaba yamathuba ngesiwombe sokuqala, bekufanele siwushintshise ngembudlu yamagoli. Okungicasule kunakho konke ngamaphutha esiwenzile aholele ekutheni kungene amagoli.
“Ngaphambi kwalo mdlalo ngibadonse ngendlebe abadlali bami ukuba bagadisise, bangenzi amaphutha kodwa bazokwenza lokhu ebengibakhuza kukhona. Le nto kakufanele yenzeke, ngisazokhuluma nabo,” kusho uMiddendorp kwabezindaba.
Uthi i-log ngeke bayeke ukuyijeqeza.
“Yona sizoyibheka kodwa kufanele sizenzele thina umsebenzi, amaphuzu siwaqoqe. Into emqoka njengamanje wukuyolungisa. Uma ubheka amathuba esiwamoshile kukhona okungasihambeli kahle,” kusho uMiddendorp.

Previous articleUMQEQESHI WOSUTHU UBONA ESENGAKWAZI UKULUHLENGA
Next articleKUSOLWA OWAYENGUMFUNDI NGOKUSHISWA KWESIKOLE