AYANDA BUTHELEZI
UNGUVILAVOCO”! Leli gama namanje lisankeneneza ezindlebeni zikaNtombezinhle “DJ Zinhle” Jiyane, kwazise ukhule ebizwa ngalo emigwaqweni yaseDannhauser.
Yiwona la mazwi aphinde amakha waba ngowesifazane ohlonishwayo endimeni kaqedisizungu waze wangena wagamanxa nasekubeni ngusomabhizinisi osebenza ngokuzimisela.
“Ngikhule ngizungezwe wuthando lwabazali, udadewethu nabafowethu. Ebengikuqaphela ngami wukuthi bengiyingane ezothile enamahloni futhi engathandi ukuba seningini. Bengizivalela, ngiphuphe ngekusasa engingalazi kodwa ngangilibona liqhakazile.
“Ngaleso sikhathi, ngiyacabanga ngangineminyaka ewu-11 ubudala futhi ngingakaze ngibe sendaweni ekugqugquzela ukuba uphuphe. Phela indawo engiphuma kuyona iyidolobhanyana elincane elingenamaphupho, kodwa ngangizazi ukuthi nginekhono elithile elizongibeka esicongweni ngelinye ilanga,” esho.
Uthi ngaleso sikhathi umndeni wakhe wawungaqondi ukuthi kungani ehlala ezivalele. Uyasho ukuthi ukhule engayikhonzile nemisebenzi yasendlini njengokuhlanza izitsha, okwagcina kumenze wethiwa elikavilavoco.
“Lelo gama lahlala kimina ngoba ngangibona linokungicindezela. Ngapha nginamaphupho amakhulu ngempilo yami kodwa ngapha nginikwa igama elingilimazayo. Ngazibuza kaningi ngibuye ngiziphendule ukuthi ngabe lokhu abakushoyo ngami kuliqiniso na? Futhi uma ngibalalela, ngizofinyelela kanjani emaphusheni ami,” esho.
Uthi isikhathi esamnika izimpendulo yingenkathi esese-University of Johannesburg enza izifundo zeBCom in Marketing, aziphasa ngamalengiso. “Ngabuyelwa yithemba nokuziqhenya, ngasho lapho ukuthi wavuka uvilavoco.
Emuva kwalokho kangibange ngisabheka emuva, kunalokho kwaba yilapho engazitshela khona ukuthi amagama akhulunywa ngabantu kithina kawanamgoqo empilweni nase-mpumelelweni yethu, kunalokho umgoqo omkhulu uba sekuvumeleni lawo magama ukuba akubuse,” esho.
Nakuba ekhule enamahloni, ngo-2009 wakwazi ukudiliza izindonga ngokuvula isikole sokuqala esifundisa abesifazane ukuklwebha amapuleti, iFuze Academy. Uthi kule minyaka ewu-10 sivuliwe sesikhiqize abesifazane abazibambe zaqina kulo mkhakha.
Ugcizelele ukuzethemba nokubekezela okuyikhona okuwumgomo wempumelelo. Nakuba ubesenesikhathi esendimeni yomculo nakuqedisizungu, uthi kumthathe iminyaka ewu-8 ukuba agcine esezakhele igama emuva kokukhipha ingoma ethi, “My Name Is” ngo-2012.
Iminyaka elandela lapho uyichaze nje-ngeyempumelelo kulandela ukusungula inkampani ekhiqiza amawashi, i-ERA by DJ Zinhle ngo-2013, wukuzala indodakazi uKairo Forbes ngo-2015, wukubhala incwadi ethi “Meeting Your Power”. Uyibhale ngokubambisana noNokubonga Mbanga.
Kukhona konke lokhu, lo “vilavoco” uthi isifiso sakhe esikhulu ohambeni lwakhe lwempumelelo bekuwukubuyela kubo eDannhauser ayovukuza umhlabathi ngo-kukhumbuza intsha, ikakhulukazi abesif-azane, ngokubaluleka kokubhekana nezingqinamba zempilo, bapho-lise nezilonda ukuze bakwazi ukuqhubeka nokufeza amaphupho abo. “Yingakho ngo-2017 ngaba yingxenye yohlelo i-It Takes A Village ngoba vele yiyona ndlela esikhuliswe ngayo ukuthi umuntu ungumuntu ngabantu. Lolo hlelo lwaba sohlwini lwezinhlelo ezazibukwa kakhulu kwiSABC1,” esho.
Ugcizelele ukuthi ingoma yakhe ethi “Umlilo” ehlukanise unyaka eziteshini ezahlukene ngonyaka odlule, bekuyindlela yokukhumbuza ukuthi wonke umuntu unomlilo wakhe ovutha ngaphakathi, okungamele ucinywe yizivunguvungu zempilo.
“Kangikaqedi, mkhulu umsebenzi osangimele. Injongo yami enkulu wukusebenzisana nezinhlaka ezigqugquzela ziphinde zifukule abesifazane. Nginomlayezo oya kubona (abesifazane) nakwindodakazi yami uKairo othi, ‘Ufanelwe okukhulu empilweni. Phila impilo ene-njongo, kuthi njalo uma uvuka ekuseni, uvuke unephupho’,” esho.