UMLANDO: MENZI JELE
KWAKUNENDODA ngama-80s, eyayisivusa ekuseni njalo emsakazweni, uKhozi FM – usabizwa ngeRadio Zulu – imemeza ithi: “Aphi amadoda eMadadeni?” Abanye babethi: “Valani umsakazo nango-ke lowo muntu esebanga isicefe.” Lowo muntu kwakunguMnu Patrick Godwin “PG” Gumede, ongusomabhizinisi, engomunye wabasunguli nabaholi beNyanda Chamber of Commerce.
INGXENYE yelokishi iMadadeni.
Wayenamabhizinisi eMadadeni, futhi ekhuthaza abanye abantu ukuba bangene emkhakheni wawo, baxhase nosomabhizinisi abamnyama ababesafufusa. Wayiqhakambisa indawo yaseMadadeni uPhakathwayo, noma ungayazi wawugcina usuzakhele isithombe sayo ngamehlo engqondo.
KUKUPHI EMADADENI?
Ilokishi labantu abamnyama leli, eliku-16km usuka enkabeni yedolobha iNewcastle, esifundeni iMajuba, enyakatho yeKwaZulu-Natal. Kuyabanda eMadadeni, abantu bakhona abadala, ngabasuswa ngamaBhunu emapulazini njengaseNormadin (eJakalase), nasezindaweni ezisondelene neDannhauser. Ngaphambi kokuthi kube yilokishi, kwakuyipulazi elalinoxhaxha lwamadamu. Kulawo madamu kwakubhukuda amadada, okwakungaziwa ukuthi ngakabani. Ngaleso sikhathi indawo yayibizwa ngokuthi yi‘Duck Ponds’. Ngokomlando lapho kwakhiwe khona ilokishi, kwakuyindawo yesizwe sakwaKubheka nesakwaHadebe.
UHULUMENI WAKWAZULU
Kunomthetho owashaywa wuhulumeni wobandlululo ngama- 50s, owawaziwa ngokuthi yiGroup Areas Act. Lo mthetho wawuhlukanisa abantu ngezindawo zokuhlala, izinhlanga ezahlu-kene zaziphoqelekile ukuhlala ngokwehlukana. Abantu ababehlala ezindaweni eziseduze nedolobha iNewcastle basuswa ngenkani. Ilokishi iMadadeni laqala ukuba ngaphansi kukahulumeni waKwaZulu ngo-1972, kwaze kwaba wu-1994.
NGUDKT Sbongiseni Dhlomo
Uhulumeni waKwaZulu wakha isibhedlela eMadadeni, esehlukile kunezinye ngoba sinamagumbi abantu abaphazamisekile emqondweni. Kunesikhungo esakhiwa wuhulumeni waKwaZulu esinakekela abantu asebexakwe yizidakamizwa nophuzo oludakayo (rehabilitation centre). Kusekhona amakolishi aqeqesha othisha KwaZulu-Natal, eMadadeni lalikhona. EMadadeni kunenkundla yezemidlalo eyayisezingeni lePrincess Magogo Stadium (KwaMashu), iKing Zwelithini Stadium (eMlazi) neSugar Ray Xulu Stadium (eClermont).
IZISEBENZI NABAFUNDI
INewcastle yayinamafemu amaningi akhiqiza indwangu nezinye izimpahla ezithungwa ngokotini. Kunemboni enkulu esezingeni lomhlaba eyayikhiqiza insimbi yakwa-ISCOR. Abantu baseMadadeni babesebenza khona abanye besemajalidini abelungu. Abanye abantu bafundisa ezikoleni ezikhona elokishini ngoba ezamabanga aphansi (primary schools) ziwu-20 njengamanje, kuthi ezamabanga aphezulu (high schools) zibe wu-10.
NGUFANI Madida
Ngemuva kwezibhelu zaseSoweto zango-1976, abafundi baseTransvaal, babethutheleka eMadadeni ngoba kwakufundwa ezikoleni zaKwaZulu. IMadadeni College of Education, isiyaphendulwa iTVET College, futhi sekunezinye izikhungo zamakhono okuyiCentre for People’s Development neMajuba Technology Centre. Lezi zikhungo ziqeqesha onjiniyela nongoti kwezamabhizinisi.
UDLAME LWEPOLITIKI YINTO ENGAZIWA EMADADENI
Ngeminyaka yama-80s, nasekuqaleni kwama-90s, amalokishi amaningi ayevutha KwaZulu naseNatal. Kwakunodlame lwezepolitiki, abantu bebulalana beshiselana imizi. EMadadeni abantu babengayingeni indaba yokubulalana, babehlalisene ngokuthula. Emafemini zazikhona izinyunyana, kodwa kazizange zifike nothuthuva.
Kwakunabaholi bezinyunyana abahlelekile nabahloniphekile abanjengoProfessor Sibankulu, ababekholelwa ekuxoxeni kunokuthi kulwiwe. UDkt Frank Mdlalose – owaba ngusihlalo weNkatha Freedom Party (IFP) nondunankulu wokuqala waKwaZulu-Natal ngo-1994 – ubenomuzi eMadadeni, wagcina esenepulazi eNtendeka ngaphandle kwaseMadadeni.
ISIBHICONGO EMADADENI
IKwaZulu-Natal ibhekwe yisambane ngesikhathi imiphaka-thi ezindaweni ezahlukene ivuka umbhejazane, itapa ezitolo, icekela phansi izinto ngoNtulikazi (July) ka-2021. EMadadeni kunemboni ekhiqiza imfuyo – iHofina Paultry Shop – abantu bagasela kuyona, bashaqa futhi bacekela phansi amaqanda abalelwa ku-25 000 nezinkukhu ezibalelwa ku-10 000, bantshontsha izimbuzi eziwu-700 nezimvu eziwu-500.
Ngenxa yalokhu, ibhizinisi lakhahlamezeka kakhulu, kwaphoqeleka ukuba izisebenzi zidilizwe. Yinqwaba yabantu eyalahlekelwa yimisebenzi eMadadeni, kuze kube yimanje basajika nelanga.
IZIHLABANI ZASEMADADENI
NGU-L’VOVO noZama Ngcobo
Umculi uThokozani “L’vovo Derango” Ndlovu ngomunye wabantu ababeka ilokishi iMadadeni ebalazweni. Ezinye izihlabani zaseMadadeni ngumculi uLucky Dube (ongasekho); uFanie Madida owadlalela iGiant Blackpool FC neKaizer Chiefs FC; uZama Ngcobo, oke waba ngumsakazi woKhozi FM; uKhosi Thwala owawina kwiBig Brother noDkt uSibongiseni Dhlomo, oke waba nendawo yokwelapha abagulayo eMadadeni.
EBUMNANDINI
Abantu baseMadadeni uhlangana nabo e-casino esedolobheni, kunenxanxathela yezitolo eyakhiwayo. Kunendawo yamadelabuthongo abathi ‘yiKwaSbari’ eseSection 4, ziduma kuze kubhoboke iphakethe. Kupholile eMadadeni.
– UMLANDO siwuthole ebantwini bakhona nakubafundi abasezikhungweni zemfundo ephakeme abaseThekwini kodwa abadabuka khona eMadadeni.