Udlame nokuzitapela ezitolo kuzowuguqisa umnotho

1373

Uhulumeni usenkingeni yokuheha abatshalimali nokwenelisa izakhamizi

ZISALE zinjena izitolo namafemu amaningi KwaZulu-Natal naseGauteng, emuva kwemibhikisho enodlame nokutatshwa kwempahla okuqale kusihlwa ngeSonto eledlule eThekwini nakwamanye amadolobha, kwabhebhethekisa okomlilo wequbula. Kumanje umnotho waleli zwe usengcupheni yokulahleka kwemisebenzi nokubaleka kwabatshalimali.

UKUSHSIWA kwezizinda zomnotho wezwe KwaZu-lu-Natal naseGauteng, nokuzitapela empahleni, kubeka isimo somnotho walezi zifundazwe engcupheni. 

Kuzobambezela ukuhluma ko-mnotho njengoba besekunezinko-mba zokuthi uyahlumela emuva kokukhahlamezeka kwawo nyakenye. 

Kuzokhumbuleka ukuthi umno-tho wezwe wancipha nyakenye emuva kokuvalwa kwengxenye enkulu yawo ukuze kuncishiswe ingozi yokwanda kweCoronavirus, edala iCovid-19, kusuka mhla ka-26 kuNdasa (March). 

Lokhu kwahambisana nokula-hleka kwamathuba emisebenzi abalelwa ku-2 million. Kwathi ku-phela unyaka kwabe sekunezinko-mba zokuthi umnotho uyavuseleleka, kanti namathuba emisebenzi ayavuleka. 

Udlame oluqale KwaZulu-Natal emasontweni amabili adlule, lwenabela eGauteng, luzophazamisa lokhu kuvuselelwa komnotho. 

Kulolu dlame, abantu bangene ezitolo ngendlovuyangena, bazita-pela izimpahla. 

Kuqalwe ngezitolo ezithengisa ukudla nezingubo, ngokuhamba kwesikhathi kwahlaselwa izindawo zokugcina izimpahla zasendli-ni, njengamafriji namafenisha. 

Kwahambisana nokushiswa kwezitolo namafemu, okuvuse izi-nsolo zokuthi akusebona nje aba-ntu abaphethwe yindlala, kodwa abantu abanozungu lokudala umonakalo emnothweni wezwe. 

Abezomthetho bathi bayaphe-nya ngalokhu. Umthelela wakho konke lokhu wukuhlukumezeka komnotho, okuzokwandisa isibalo sabantu abantula imisebenzi. 

Isizathu salokhu wukuthi oso-mabhizinisi abaningi – ikakhulukazi labo amabhizinisi abo abese-vele entenga ngenxa yesimo se-Coronavirus – ngeke babenawo amandla okuvuselela amabhizinisi abo masinyane. 

Okwesibili, nosomabhizinisi abanawo amandla okuvuselela, bazocabanga kanzulu, ikakhulukazi ukuthi bayowavula kuphi.     

Abanye bangakhetha ukuthutha amabhizinisi abo baye kwezinye izifundazwe noma enye ingxenye yeKwaZulu-Natal neGauteng. 

Okwesithathu, abatshalimali bazobamadolo nzima ukutshala imali eNingizimu Afrika, ikakhulukazi emabhizinisini afana nama-femu nezitolo njengoba kuyinhlobo yamabhizinisi asengcupheni yokubhidlizwa noma ashiswe. 

Okwesine, izindleko zemipha-kathi eminingi kulesi sifundazwe zokuthola izimpahla ezisetshe-nziswa nzuku zonke, zizokwanda njengoba kusazothatha isikhashana ukuthi kuvuselelwe ingqalasi-zinda, kuphinde kugcwaliswe izitolo ngempahla. 

Lolu dlame lwenzeka nje, ngele-dlule ibhange lomhlaba (World Bank) likhiphe umbiko walo obu-yekeza isimo somnotho wakuleli, lapho lixwayise ngokuthi sise-ngcupheni. 

Leli bhange lithi ukuze leli zwe libhekane nezinkinga zokuncipha kwamathuba emisebenzi nokuvu-selelwa kwesimo semali kahulumeni – ikakhulukazi ukuncishiswa kwezinga lokwanda kwemali ebo-lekwayo – kudingeka umnotho we-zwe ukhule ngezinga eliphakeme. 

Lithi ukuhlaselwa yiCoronavirus kwenze isimo saleli zwe, ika-khulukazi kwezomnotho, sabanzima kakhulu. 

Kodwa leli lihlaselwe yileli gciwane selivele lineminyaka enga-phezulu kwewu-10 lehluleka wu-kumelana nezidingo zemisebenzi, kanti nesimo semali kahulumeni bese sineminyaka sintenga. 

Leli bhange lixwayise nangokuthi iNingizimu Afrika ibhekene nesimo lapho iminyaka ewu-10 ezayo nayo izoba ngengenampu-melelo uma umnotho ungavuseleleki, ikakhulukai uma izinga loku-khula kwawo lingenyuki. 

Ngesimo semisebenzi, lithi ku-bantu abawu-40 million bakuleli (okuyisibalo sabaphathi kwemi-nyaka yobudala ewu-15 kuya ku-64), bawu-15 million kuphela abasebenzayo, u-3 million wabo okungabasebenzela uhulumeni nezinkampani zawo. 

Isibalo sabangasebenzi siwu-7 million, noma u-11 million uma kubalwa nasebeyekile ukuthu-ngatha imisebenzi. 

Isibalo sabantula imisebenzi sizokwanda njengoba izizinda eziningi zomnotho KwaZulu-Natal naseGauteng zibhidliziwe noma zishisiwe kulolu dlame. 

Ukuvuselelwa komnotho wezwe kudinga isandla  sikahulumeni ubambisene nosomabhizinisi, ko-dwa ukwehluleka kukahulumeni ukunqanda lolu dlame masinyane, kukhomba igebe elikhulu ngaso-hlangothini lwawo mayelana no-kuphathwa kwezwe. 

Lokhu kakuyona into enika aba-tshalimali ithemba ngokuphathwa kwaleli. 

Kuthathe izinsuku ngaphambi kokuthi amasosha aphume ezi-nkanjini afike lapho kunodlame khona. 

Konke lokhu kusho ukwanda kwabantu abangakwazi ukubhekela izidingo zabo zempilo. 

Lokhu kuzokwenzeka kabi, ngesikhathi uhulumeni uthintitha izandla, uthi kawunawo amandla okuxhasa izakhamizi. 

Isizathu sawo wukwanda kwemali ebolekwayo, okuhambisana nokwanda kwemali okumele ikho-khwe. 

Uhulumeni usuthembise aba-tshalimali kuleli naphesheya ukuthi isabelomali seminyaka emi-thathu kuya kwewu-5 ezayo sizo-kwehliswa, ikakhulukazi ngaso-hlangothi lwemiholo yezisebenzi zawo. 

Ngakho-ke uhulumeni uzithola uphakathi komhlane kaSathane nokujula kolwandle. 

Uma uyekela izakhamizi zibu-lawe yindlala, kuzokwanda ubugebengu, kanti kungagcina ngokuthi i-ANC ikhishwe embusweni. 

Ngakolunye uhlangothi, kuzoba nzima ukuthi uhulumeni uphule isethembiso sawo kubatshalimali – umthelela walokhu kuzoba wu-kwenyuka kwenzalo abatshalimali abazoyifuna. 

Kubalulekile-ke ukuthi umno-tho wezwe uvuselelwe masinyane ukuze kuveleke amathuba emisebenzi nokuthi uhulumeni uthole imali yentela ethe xaxa. 

Previous articleAboSuthu bavelele kwiBafana
Next articleBakhala ngendlala abasemigwaqweni