Udlelwe imoto umdlali welePSL

954

Ukhala ngokudlala engaholelwa

SENZO SOKHELA

UNKOSIVUMILE Zulu esagijima kwiRoyal Eagles.
ISITHOMBE NGABE: BACKPGAPEIX

UKHALA engashayiwe umdlali weJomo Cosmos egijima kwiGladAfrica Championship ogcine edlelwa imoto ebinonyaka eyithengile ngenxa yokungaholelwa izinyanga ezintathu.

UNkosivumile Zulu (25) ongumgadli, ujoyine iCosmos ekuqaleni konyaka emuva kokuba ehlukanise ifindo lomshado neRoyal Eagles kaSbusiso Mpisane.

Uhambe kule kilabhu kungasekuhle njengoba ubesecwile shi ezikweletini kangangoba ubesedlelwe ngisho imoto yakhe yohlobo lweVW Polo TSI. 

Lo mdlali odabuka KwaDambuza, eMgungundlovu ekhuluma naleli phephandaba uthe nakuba isimo sesingconywana kodwa akasoze ayikhohlwa into emenzakalele ekwi-Eagles. 

“Okwenzeke ngikwi-Eagles ngeke ngikukhohlwe ngoba kungihlukumezile emphefumulweni. 

“Ngifike ngangahola izinyanga ezimbili lapho egarage ebengithenge kulo imoto bengixina befuna imali yabo ngingazi nokuthi ngizokwenzenjani ngoba nosihlalo wekilabhu ubengatholakali ocingweni. 

“Uma kwenzekile ngamthola ubethembisa ukungiholela kodwa kungenzeki lokho. 

“Ngigcine sengingakwazi ngisho ukuza ejimini ngoba bengihlala ekhaya khona eMgungundlovu. 

“Bengingenalutho kangangoba bengingakwazi ngisho ukufaka u-petrol emotweni ukuze ngiye ejimini.

“Igcine idliwe imoto yami ngoba kuphele izinyanga ezintathu ngingaholi nayo ngokunjalo ingakhokhelwa,’’ kusho uZulu ngezwi eliphansi. 

Uqhube ngokuthi kufike isikhathi lapho kuphoqeleke khona ukuthi angalubhadi emsebenzini kwaze kwagcina kuhlukenwe. 

“Ukuze ngigcine ngihambile bekufanele ngiye ekhempini sizodlala neTTM koweligi ngasho ukuthi ngeke ngikwazi imali anginayo ngicela bangizamele.

“Bathembise ukungifakela imali kodwa lutho ayangangena. 

“Bahambile baya kulowo mdlalo yabadla ngo-5-0 iTTM. Bathe uma bebuya bathi angiyihloniphanga ikilabhu ekubeni kube kuyibona abebethembise ukungifakela imali yokuya ekhempini kodwa abangayifaka. 

“Ngokubona ukuthi isimo sesimuncu ngibe sengicela iphepha lami ngabe sengiya kwiCosmos. 

“Nakhona ngiye kanzima ngoba bengingenalo ngisho isenti empeleni iCosmos ithwale zonke izindleko zokuthi ngize kuyona yanginika  nemali yokuthi ngikwazi ukuqhuba inyanga. 

“Ingizwisile ubuhlungu i-Eagles ngeke ngiphinde ngikhohlwe kumanje kunezikweletu zabantu engisazikhokha ngoba bese ngiphila ngokuboleka izimali zabantu kwazise ekhaya babheke mina kanti nginengane encane enezinyanga ezingu-8 izelwe,” kusho uZulu. 

Uthi nakuba le kilabhu imzwise ubuhlungu kodwa akayifiseli ukuthi igengcwe yizembe. 

‘’Ngiyafisa ukuthi basinde lingabadli izembe ngoba ekugcineni yikilabhu yaKwaZulu-Natal lena ukuhamba kwayo kuzonciphisa isibalo samakilabhu akulesi sifundazwe kwiChampionship. 

“Ngisho usihlalo wekilabhu angimbambele igqubu ngokungenzakalele ngisekwi-Eagles ngoba angikholwa ukuthi ubekwenza ngamabomu mhlawumbe zikhona izinkinga abenazo mina ebengingazazi ngoba kangikholwa ukuthi kukhona usihlalo ongavele angakuholeli nje engenazinkinga.

“Kwazi bani mhlawumbe ngelinye ilanga ngisayobuyela khona ngoba ikusasa alaziwa,’’ kusho uZulu. 

Ushaya ngonyawo phansi uthi iCosmos ngeke iye ehlathini. 

Uthi bazokwenza ngawo wonke amandla ukuthi le kilabhu isinde ezembeni. 

Uthi ngeke nje nangengozi bakuvumele ukuthi ikilabhu enkulu kangaka ifele ezandleni zabo. I-Eages kayitholakalanga ukuphawula ngalolu daba.

Previous articleudkt mkhize usamile kweyokuvalwa kogwayi
Next articleKuthiwa amasosha mawaqinise isandla