PHUMLANI GAMA
UVELE kafushane eNkantolo yeMantshi yaseChatsworth, eThekwini umfundi kamatikuletsheni osolwa ngokubhunyela uyise ngamanzi abilayo ngoba emenqabele ukuphuza ubhiya (uyise) abewuphuza nomngani wakhe. UMnu Sithembiso Ngema (43) (osesithombeni), uthi ubehleli nomngani wakhe bephuza ubhiya ngoMsombuluko, kwangena indodakazi yakhe yangakhuluma lutho, yawuphakamisa, ifuna ukuwuphuza ingawucelile.
Uthi kwenzeka lokhu nje indodakazi ubesanda kuyithethisa ngenxa yokungaziphathi kahle ekhaya nasesikoleni efunda kusona. Uveze ukuthi sekuyisikhathi eside icwila ezinkambeni zikaFaro maqede ixabane nothisha. Utshele ILANGA Lempelasonto ukuthi okunye okubaxabanisile, wukunxusa indodakazi yakhe ukuba inakekele uninakhulu osanda kulimala engozini yemoto. “Umama usanda kulimala, akakwazi ukuzenzela imisebenzi yasendlini. Ngicele yona indodakazi ukuba imsize ngokumphekela, kodwa yangakwenza lokho. Uma ngibuya ngoMsombuluko, umama ukhale ngokuthi indodakazi yami kayimsizi, kunalokho izihlalela nabangani bayo.
“Ngosuku lwesigameko, ifike lapha endlini ngihleli nomngani wami, siphuza ubhiya, yawuthatha yafuna ukuwuphuza, ngayikhuza. Iwubekile yaphuma ngomnyango. Kuthe singazelele, yangena iphethe iketela linamanzi abilayo, yangitshela ukuthi ikhathele wukuthethiswa yimina, maqede yangithela ngamanzi,” esho.
Uqhube wathi useyayesaba indodakazi yakhe. “NgoLwesithathu ngizizwele ngezami izindlebe le ngane ithi kuyiphathe kabi ukusinda kwami. Ithe izohlangana namadoda ayo, iwanxuse ukuba azongiqedela. Yilapho nginqume khona ukuyivulela icala. Unina ngimbikele kodwa wangafuna ukufika lapha ekhaya sizobonisana.
“Okubuhlungu wukuthi lo muntu ungishisa ngamanzi nje, ezinsukwini ezimbalwa ezedlule kade ngiseSizinda Secondary School lapho efunda khona, ngiyomcelela ukuba othisha bangamxoshi ngenxa yokungaziphathi kahle kwakhe. Nasesikoleni kukhalwa ngokuthi udakwa wutshwala maqede axabane nothisha, ikakhulukazi abesifazane. Bathi ubathembisa ukubashaya esho nokusho ukuthi akabesabi,” kusho uNgidi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, uthunyelelwe imibuzo ngalolu daba ukuba aphawule, kodwa kuze kwashaya isikhathi sokuloba engabuyelanga kuleli phephandaba.
www.ilanganews.co.za