Udliwe wabeka izaba umqeqeshi weBafana

89

Usole izitobha zeBafana ngokuvuzisa amagoli asheshayo

PHILANI NCALANE

UKelvin Kapamba weZambia emakwa nguThulani Hlatshwayo weBafana edliwe ngo-2-1 izolo eRoyal Bafokeng Sport 
Palace. ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPIX

UWUBHEKISE kubadlali umunwe uMolefi Ntseki ongumqeqeshi weBafana Bafana ihlulwa yiZambia ngo-2-1 emdlalweni wobungani izolo ngeSonto ntambama eRoyal Bafokeng Stadium, eNorth West.

UNtseki uthi miningi imibuzo okumele azibuze yona ngodonga lwakhe njengoba luvuzise amagoli amabili ngokushesha. Uphinde wabalisa ngokuthi bebenesihe abadlali bakhe ngesiwombe sokuqala bephisana ngamabhola kubadlali beZambia. Igoli leBafana livalelwe nguKeagan Dolly kwathi aweZambia ashaywa nguKelvin Kapamba noChanisa Zulu.

UMilutin “Micho” Sredojevic ocija iZambia, uthe bekumqoka ukunqoba lo mdlalo ngoba balungiselela ngawo owokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) ezokuba ngonyaka ozayo eCameroon. Uthi kakumnandi ukuthi iZambia kayiyanga kulo mqhudelwano ngo-2017 nango-2019. Uthi unomthwalo wokubuyisa udumo lwe-Zambia.

IZambia iwuqale kahle lo mdlalo njengoba ibigeleza engxenyeni yeBafana ebingahlangene kahle emuva. IBafana ibiphambana nebhola ngesiwombe sokuqala njengoba ize yaxaxama sekuzophela isiwombe, uPercy Tau ezama ukungena ngasophondweni lwesokudla phambili.

Izinhlelo zeBafana zinyomfeke umdlalo unemizuzu emibili uqalile kulimala uLyle Foster ogijima kwiVitoria Guimaraes yasePortugal. Lo mdlali ubeqala ukuqala umdlalo kwiBafana. Indawo yakhe ithathwe nguDolly yena odlala kwiMontpellier yaseFrance.

IBafana iye kulo mdlalo ngemuva kokudlala ngokulingana neNamibia kuba ngu-1-1 kuyona le nkundla. IZambia nayo ingene ensimini iphefumula ngenxeba njengoba ihlulwe yiMalawi ngo-1-0 ngoLwesithathu kwathi ngoLwesihlanu yahlulwa yiKenya ngo-2-1.

Le midlalo yobungani iBafana ilungiselela ngayo emibili yokuhlungela i-Afcon ezoyigijima neSao Tome and Principe. IBafana izophinde iqale amalungiselelo okuhlungela imidlalo yeNdebe yoMhlaba yona ezokuba ngo-2022 eQatar. USredojevic odume kuleli elolonga i-Orlando Pirates, ukujabulele ukubuyela kuleli njengoba eshiye isigubhukane kwi-Bucs kusanda kuqala isizini edlule ngemuva kokuthenjiswa imali enkulu yiZamalek yase-Egypt.

UNtseki uqale ngesikimu esithe ukuqina kunabesibophele bebhekene neNamibia. 

Lezi zinkunzi bezidlala umdlalo ka-22 izolo kusukela ngo-1992 emiqhudelwaneni eyahlukene. 

IBafana yiyona egcine inqoba iZambia eminyakeni emibili edlule iyihlula ngo-2-0 wamagoli kaTau noLebogang Mothiba eZambia. 

Ngaleso sikhathi iBafana ibicijwa nguStuart Baxter oshiye ngemuva kokushaya into ephansi kwalesi sikwati kwi-Afcon ebise-Egypt ngonyaka odlule. 

Njengamanje uBaxter ulolonga i-Odisha edlala kwi-Indian Super League (ISL). UBaxter usanda kusayinisa uCole Alexander obegijima kwiBidvest Wits edayisele iTTM ilungelo lokudlala kwiDStv Premiership.