Emaphoyiseni kuthiwa ubeke isizathu sokuthi unina wezingane uyamncisha ucansi
NONHLAKANIPHO SHINGA
UVELE wakhihla isililo udadewabo kanina wentombazanyana (14), okubikwa ukuthi ibidlwengulwa nguyise ephindelela yaze yamitha ngoba ethi unina wezingane zakhe umncisha inkonzo yasekamelweni.
Kuthiwa umndeni wale ntombazanyana yasoKhukho, oNdini, ubuhleli nayo uzitshela ukuthi iyagula njengoba ibikhukhunyalelwa yisisu, kanti idlwengulwa nguyise (36), ogcine eboshiwe emuva kokuvela kwendaba ngo-Msombuluko.
ILANGA lithole ukuthi ingane itshele abazali bayo ukuthi inenkinga yokuphathwa ngamahlaba nesilungulela, kube nento ekhahlelayo esiswini kanti isinezinyanga eziwu-7 izithwele.
Udadewabo kanina wale ngane esingeke simdalule ukuvikela isithunzi sengane uvele wakhihla isililo ngesikhathi elanda ngokwenzeke ngoMsombuluko.
“Ezinsukwini, kufike udadewethu lapha ngoba sijwayelene kakhulu, ezongibikela ukuthi ingane yakhe endala kayiphathekile kahle kangangokuba manje ikhukhunyalelwa yisisu.
“Ngithe makayilethe kimi ngiyiyise emtholampilo oseduze kwami ngoba uthe ezinyangeni ezintathu ezedlule, iyile emtholampilo wasoKhukho kodwa kwangatholakala ukuthi inani,” kusho yena.
Uthi uthuke woma uma abahlengikazi behlola umchamo wengane, kuvela ukuthi ikhulelwe. Uyibuze kahle ukuthi kwenzekani ngoba bebengasoli nakusola ukuthi ngabe isinesoka.
“Ungumntwana omncanyana nje nangomzimba, ngakho-ke bekungabonakali nokuthi ukhulelwe. Ungitshelile ukuthi nguyise obezitika ngaye ngokocansi kusukela ngoMbasa (April), uthi lokhu ubekwenza ephindelela,” kusho yena.
Uthi ingane ithi uyise waqala wayiyala ukuba ihambele kude nabafana, wathi unesifiso sokuthi ifunde ize iqede isikole. Uveza ukuthi emuva kokuba ekade “eyeluleka” wabe eseyitshela ukuthi mayimkhaphe ayothandaza ehlathini elingakwakhe okuyilona aqala ukwenza kulona lo mkhuba.
“Ingane ithi ubethi uma esezoyidlwengula, athi mayigqoke isiketi yikhona kuzoba lula. Iveza ukuthi bekuthi uma unina engekho, ayidlwengulele embhedeni wabo. Ithi isabile ukusho ngoba ibone ukuthi unina ngeke akwazi ukuyifihla le nto bese kugcina sekuxatshana ngenxa yayo,” kusho yena.
Ngokuthola kweLANGA, uyise wesisulu ubeseke wasithatha wasiyisa kumthandazi thizeni okuthiwa ufike waveza ukuthi sangenwa wumeqo owawubekelwe unina.
“Ngemuva kokuthola ukuthi ukhulelwe, bengilokhu ngithola izingcingo kuyise ebuza ukuthi kuthiwani esibhedlela. Uze wathi kuno-R500 awulindele azowusebenzisa ukuyisa ingane kulo mthandazi ukuze iyokhishwa umeqo lona owenza kukhukhumale isisu,” kusho udadewabo kanina wesisulu.
Uveze ukuthi okumkhathazayo wukuthi ingane kumele iqale ukubhala izivivinyo zokuphela konyaka kusasa njengoba yenza uGrade 9.
“Kangazi nje noma uzokwazi yini ukubhala kahle ngoba ngiyabona ukuthi nasekhanda sengathi uphazamisekile.
“Yize osonhlalakahle bekhulumile naye ukuthi ingane angaphisana ngayo uma engeke akwazi ukuyikhulisa, kodwa sikhulume ukuthi makayikhulise mina njengonina ngizomlekelela ngoba kayikho into ezokwenziwa,” esho.
Uthi bezwe ngandlebenye ukuthi ngesikhathi esephenywa ngamaphoyisa umsolwa, uveze ukuthi ubelala nendodakazi yakhe ngoba unina ubengasamniki ucansi.
“Unina wale ngane unengane ayikhipha ebeleni njengoba yena elokhu ekhala ngokuthi ubengamniki ucansi. Ngiyethemba ukuthi umthetho uzokwazi ukumjezisa ngalesi senzo esihlazimulisa umzimba asenze enganeni eyizala,” kusho yena.
Okhulumela amaphoyisa Kwa-Zulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, ukuqinisekisile ukuthi owesilisa wasoKhukho oneminyaka ewu-36 ubudala, uboshwe ngezinsolo zokudlwengula indodakazi yakhe eneminyaka ewu-14.
“Lona wesilisa uboshwe emzini wakhe osoKhukho Reserve ngo-Lwesibili kanti icala lidluliselwe kwabaphenya ngamacala okunukubezwa kwezingane oNdini,” kusho yena.
nonhlakaniphos@ilanganews.co.za
www.ilanganews.co.za