TSEPO MOLEFE
KUBIKWA ukuthi ibanjwe isiyozibulala intombazane (17) yaseGomane, eMpendle, okuvela ukuthi inukubezwe ngowesilisa owaziwayo endaweni obeshela unina, okuthe uma ucu lungahlangani, wabhodlela endodakazini yakhe.
Ithumba liqhumbuke ngeSonto ekuseni intombazane ibhadanywa ngumfowabo omncane iphethe imfumba yamaphilisi, ithi iyowaphuza. Umfowabo ubikele abadala, bahlala nayo, bayibuza inkinga yayo. Ibalandise ngokunukubezwa yilo mlisa, othe ukwenza lokhu ngoba unina akafuni ukumqoma.
UMnu Thami Mkhulisi ongusihlalo weSouth African National Civics Organization (Sanco), eMpendle, usigxekile lesi senzo, wasola umsolwa ngokuzicabangela yedwa.
“Sijabulela ukuthi umsolwa useboshiwe. Sibonga nomfowabo wesisulu ngokubikela abadala uma ebona udadewabo ephethe imfumba yamaphilisi, eyozibulala. Sizoseseka isisulu ngokusitholela osonhla-lakahle ukuze selulekwe ngokomqondo, ngoba siyasiqonda isimo esinzima esibhekene naso,” kusho yena.
Okhulumela uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uMnu Mhlaba Memela uthe uthemba ukuthi amaphoyisa azosebenza ngokuzikhandla ukuze kugcine kwenzeke ubulungiswa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Col Nqobile Gwala, usiqinisekisile lesi sigameko. Uthe amaphoyisa aseMpendle avule icala lokudlwengula, wathi umlisa oneminyaka ewu-50 uzovela eNkantolo yeMantshi eMpendle maduze.