Udubule indodana (7) “ngephutha” yashona

163

Ibingqongqoza emnyango, uyise uthe evula isicabha wadubula, yathulela khona lapho

SKHOSIPHI MTHEMBU NONONHLAKANIPHO SHINGA “NGIYAKHOLELWA ekutheni isoka lami liyidubule ngephutha indodana yethu,” usho kanjena unina wengane okusolwa ukuthi idutshulwe yabulawa nguyise wayo ngephutha ephuzile, eZinyosini, eMtshezi, ngoMgqibelo ebusuku. Yize ethi idubuleke ngephutha indodana yakhe uNkz Phumelele Khoza, kodwa uthi usekude ukukhohlwa into ayibonile indodana yakhe, uZamani Sipho Dlamini (7), idubulekile inxeba elilodwa isilele phansi, isithule. ILANGA lithole ukuthi ngemuva kokudubuleka kukaZamani, umphakathi uthukuthele wagana unwabu, watitinya uyise walo mfanyana ngaphambi kokuba athathwe ngamaphoyisa.


UNkz Khoza ukhulume neLANGA waveza ukuthi uphithene ikhanda ngento eyenzekile, futhi kusenzima ukuthi ayikhohlwe into ayibonile. Utshele leli phephandaba ukuthi uyise wezingane zakhe ubehleli nabangani bakhe ngoMgqibelo ntambama ngaphandle komuzi wabo, bephuza izimbiza zikaFaro. “Ngesikhathi sekuqala ukuhwalala uphume nabo wabaphelezela sebegoduka. Usheshe wabuya endlini esezolala, kwabe sekungqongqoza omunye wabangani bakhe abehambe ebaphelezela. Uziphikile, waphendula ngokuthi akekho, akakabuyi, engicabanga ukuthi ubengafuni ukuphuma aye kuyena. “Lo mngani wakhe ube esehamba eya egumbini elingaphandle ebelilele izingane, wakhuluma nazo ezitshela ukuthi maziyobiza uyise endlini.


Besikuzwa konke lokho, uyise wezingane wabe eseyolanda isibhamu sakhe. “Kube sekukhala umakhalekhukhwini wami obuphethwe yizona izingane zabe seziphuma ziwuletha kimi endlini. Zingqongqozile zasho ukuthi zilethe umakhalekhukhwini. Uyise wazo ube esevula isicabha kanti sekuzodubuleka indodana yethu. “Ingane yami idubuleke ngaphansi kwekhwapha yathulela khona lapho. Ngibe sengicela usizo komakhelwane. Ubesephithene ikhanda uyise kaZamani ngento ayenzile,” kusho yena. Uthi amalungu omphakathi afike ethukuthele egane unwabu, angabuza lutho, amshaya uyise wendodana. “Okwamanje kunzima, angazi ukuthi ngingathini, angazi noma ngimxolele noma ngenzenjani.

Engingakusho wukuthi akwenzile bekuyiphutha. Ngiyacabanga ukuthi ubezitshela ukuthi yilo muntu obemfuna ongqongqozisa izingane njengoba ephume wadubula nje,” kusho uNkz Khoza. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLt Col Nqobile Gwala, uthe kuvulwe icala lokubulala nelokutholakala nesibhamu nezinhlamvu ezingekho emthethweni. Uthe umsolwa uboshiwe, ube eseyiswa esibhedlela lapho eqashwe khona ngeso lamaphoyisa.
skhom@ilanganews.co.za
nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Previous articleSesifakiwe isicelo “seholide” likaShembe
Next article28 July 2022