INTATHELI YELANGA
UDEDELWE ngebheyili ka-R10 000 uDudu Myeni owayengusihlalo webhodi yeSAA, obevele eNkantolo yeMantshi yaseRichards Bay ngamacala enkohlakalo nokukhwabanisa. UMyeni ubevele noMnu Trevor Mathenjwa – owayengumqondisi weSondolo IT – naye odedelwe ngebheyili ka-R10 000. Babekwe amacala enkohlakalo nokukhwabanisa okuyamaniswa “nonemenayidi” ka-R300 000 okuthiwa wakhishwa yiSondolo IT eyayidla lugqokweni lunye neBosasa yodumo. uMyeni – owake waba ngusihlalo weJacob Zuma Foundation – usolwa ngokwamukela lo nemenayidi kwiSondolo, okusolwa ukuthi wahehwa ngawo nguMnu Mthethwa. Uzinikele kubaphenyi emuva kokuba kwenziwe isivumelwano nabammeli bakhe. Uphiko lwabaphenyi beNPA, lusola ukuthi ngesikhathi uMyeni engusihlalo (weSAA), wahlukela wukudalula izinhloso zakhe ngokomgomo wale nkampani omayelana nokungqubuzana kwezinhloso zezisebenzi zayo. Kubikwa ukuthi wathuthukiselwa ezokuphepha emzini wakhe oseRichards Bay phakathi kuka-2014 no-2015. Lo msebenzi kubikwa ukuthi wadla imali elinganiselwa ku-R200 000. Usolwa nangokuthi wabuye wahlomula kwiBosasa ngokumkhokhela izindleko zokuvakasha nezokulala emahhotela ehamba nabasondelene naye. Kuthiwa izinkambo zakhe, evakasha, zazihlelwe yiBlake Travel phakathi kukaNhlaba (May) noNdasa (March) 2015 kanti zadla imali engaphezu kuka-R107 000.
UMyeni noMthethwa bazobuyela enkantolo efanayo mhla ka-17 kuLwezi (November).