THANDOLUHLE NGUBO
UDEDELWE ngebheyili ka-R100 000 umbhali wemidlalo yakumabonakude uMnu Dumakude ‘Duma’ kaNdlovu (69), wodumo lwemidlalo okubalwa kuyo uMuvhango, Uzalo, Imbewu neminye. UNdlovu ubevele namuhla eNkantolo yeMantshi yasePalm Ridge lapho ebhekene khona namacala athinta inkohlakalo nokubalekela ukukhokha intela okulinganiselwa ku-R25 million, kulandela ukuzinikela kwakhe emaphoyiseni izolo ntambama. Kuleli cala uNdlovu uboshwe noMnu Rodney Mutsharini noMnu Maxwell Mloyi. Umbuso usola ukuthi laba ababili yibo abasiza uNdlovu ngokwenza lenkohlakalo egameni lenkampani yakhe i-Ambrobrite ngo 2016 kuya ku-2019. Laba bobathathu bekulindeleke ukuba bavele kule nkantolo izolo kodwa kwagcina kuvele uMutsharini noMloyi kulandela ukubambezeleka kwebhanoyi ebelizogitshelwa nguNdlovu lisuka eThekwini.
Igama likaNdlovu lingelinye lalawo avela kwikhomishana yokubanjwa kombuso ngobhongwane, njengoba ngo -2021 omunye wezisebenzi zenkampani i-Bain SA ezafakaza kulekhomishana aveza ukuthi i-Ambrobrite yayikhokhelwa imali engaphazu komsebenzi wayo yi-Bain SA. Ukuthinteka kwegama likaNdlovu kulekhomishana kwaholela ekutheni uMengameli wezwe uMnu Cyril Ramaphosa agcine esihoxisile isinqumo sokumhlonipha ngendondo i-Order of Ikhamanga Silver ngonyaka ka-2022 – kulandela isikhalazo se-ANC Veterans League sokuba kususwe igama lakhe kuze kuba utholakala emsulwa ezinsolweni zokubanjwa kombuso ngobhongwane. Imibiko ithi uma uNdlovu etholakale enecala uzokhokhiswa inhlawulo noma aboshwe iminyaka esuka kwemibili kuya phezulu.