Udume lwengozi kubagijimi beComrades

589

AbeCMA bawukhanselile umjaho wanonyaka

MZWAMANDLA ZONDI

UBONGUMUSA Mthembu osenqobe iComrades Marathon amahlandla amathathu uthi udumele ngokubhuntsha kweComrades Marathon. 

SEBEPHINDE bagqemeka ingozi engeqiwa ntwala abasubathi baseNingizimu Afrika kubhuntsha iComrades Marathon yanonyaka obekufanele ukuba igijinywe ngomhla ka-13 kuNhlangulana (June) isukela eMgungundlovu isongwe eThekwini.

Abadidiyeli balo mjaho bathathe isinqumo sokuthi ngeke ibe khona iComrades yanonyaka ebizokube igubha iminyaka eyikhulu yasungulwa. 

Lesi sinqumo sithathwe izolo ngoLwesithathu ngabeComrades Marathon Association (CMA), abatshele abezindaba ukuthi bafinyelele kusona ngemuva kokuhlangana neKwaZulu-Natal Athletics (KZNA), i-Athletics South Africa (ASA), iNational Coronavirus Command Council (NCCC) nabezempilo.

Kwenzeka lokhu nje, ngeledlule kumenyezelwe ukuthi ngeke igijinywe neTwo Oceans Marathon engomunye wemijaho emikhulu kuleli. I-CMA ikhale ngokungalawuleki kweCovid-19 kuleli. 

Kumanje bangaphezulu kwenkulungwane abantu abatheleleka ngalolu bhubhane ngosuku kuleli kanti bangaphezulu kwekhulu abashonayo ngosuku emhlabeni.

UBongumusa Mthembu osenqobe lo mjaho amahlandla amathathu, utshele ILANGA ukuthi nakuba ephoxekile ngokubhuntsha kwalo mjaho kodwa uyasiqonda isimo.

“Besivele sikulindele ukuthi kungenzeka ungabi khona lo mjaho nonyaka. Siyabonga ngokuba basazise kusenesikhathi ngoba kubuhlungu ukuzilungiselela umjaho omkhulu njengeComrades kodwa ugcine ungabanga khona. Sihlalile emakhaya nyakenye namanje sisazohlala. Zikhona izinhlelo enginazo njengoba imijaho engijwayele ukuyenza ingasekho.

“Ngizogxila kuma-Trial Run kanti izokube ikhona nemijaho yamabanga amafushane engizoyigijima ukuzigcina ngiqatha. Ziningi izinhlelo engizogxila kuzona. Bengicela abasubathi ukuba baqinisekise ukuthi balandela imithetho yokuphepha kwiCovid-19,” kusho uMthembu.

AbeCMA bathe mhla ka-13 ku-Nhlangulana (June) bazokuba ne-Virtual Run njengoba benza nanyakenye. Eyanyakenye yayingenelwe ngabasubathi abangaphezulu kuka-43 000.

Usihlalo weCMA uCheryl Winn, uthe bazokuba nemicimbi eminingana mhla ka-24 kuNhlaba (May) bebungaza iminyaka eyikhulu lo mjaho wasungulwa. Lo mjaho wasungulwa nguVic Clapman ngo-mhla ka-24 kuNhlaba ngo-1921 ngemuva kokuphela kwempi yokuqala yomhlaba.

Previous articleOkujabulisa umqeqeshi wePirates ngoweCaf
Next articleAphezulu amaphaphu eGlebelands