Udumele ngesinqumo seChiefs

464

MFANAFUTHI NDLOVU

IZWAKALISE ukudumala ngesinqumo seKaizer Chiefs imenenja kaSfiso “Choppa” Hlanti (34) (osesithombeni) sokunga-yeluli inkontileka yalo mdlali okumanje uzanyelwa ikhaya elisha emakila-bhini aKwaZulu-Natal. UHlanti akayedwa kubadlali abahlukane neChiefs – esiwaqalile amalungiselelo esizini ezayo – njengoba uKeagan Dolly noSiye-themba Sithebe nabo zingavuselelwanga izinkontileka zabo. 

Sfiso Hlanti of Kaizer Chiefs during DStv Premiership 2023/24 football match between Kaizer Chiefs and Polokwane City at Soccer City on 18 May 2024 ©Gavin Barker/BackpagePix

Engxoxweni yeLANGA noSizwe Ntshangase ophethe uHlanti, uveze ukuthi akhona amakilabhu aseke waxoxa nawo ukusayinisa lo mdlali. Uthe ubona lo mdlali esasale-lwe yiminyaka emithathu enku-ndleni, kwazise enjalo nje, uzi-phethe kahle futhi ukukhonzile ukujima ukuze ahlale esesimeni esidingeka kumdlali. “Akhona amakilabhu esengike ngaxoxa nawo ngokusayinisa uHlanti, kepha kakukho olutheni esike safinyelela kukhona. Ngiyazi ukuthi abaningi bakholwa wukuthi uma umdlali esuka kwi-Chiefs umba eqolo, kanti kakunjalo. Iqiniso limile uHlanti usenga-dlala iminyaka emithathu ebhole-ni lakuleli,” kusho uNtshangase.

Mayelana nokuhlukana neZi-mpofana, uNtshangase uthe udu-mele kakhulu ngoba ubengalindele ukuthi le kilabhu ingathatha le ndlela eyithathile. “Ngiphoxekile yize kungekho kwiChiefs oseke wasinika isizathu sokugqabuka kwegoda. Nomdlali usakumunyunga konke okwenzekile, kepha ebholeni ku-nezinqumo okufanele uzamukele (yize zingemnandi),” esho.

Kuzo ezeChiefs, uLehlohonolo Matlou ogcine elimele, ivuselelwe inkontileka yakhe. UMuzi Maluleke oyi-conditioning coach noDillon Sheppard oyisekela lomqeqeshi, sebeqedela uNhlangulana (June) bekwiChiefs.

Kwenzeka konke lokhu nje, seliqalile ukusebenza ithimba labaqeqeshi abasha, uFernando Da Cruz waseFrance oyisekela-mqeqeshi no-Ilyes Mzoughi waseTunisia oqeqesha onozinti njengoba kusalindwe uNasreddine Nabi ozokuba yinhloko yabaqeqeshi.

mfanafuthin@ilanganews.co.za

Previous articleIngqayizivele yethuba kubalandeli beDowns KwaZulu-Natal
Next articleIngebhe emphakathini kubulawa uthisha ophunyelwe yimali yempesheni