NOMFUNDO NGWANE
UPHELE sekumuncu umcimbi wokugubha usuku lokuzalwa kwezingane zezithandani zaseNewcastle, indoda idubula ibulala ingoduso yayo maqede yabhekisa umbhobho wesibhamu kuyona, yaziyisa kwagoqanyawo izolo ngeSonto ngoba isola unina wezingane ngokujola.
ILANGA lithole ukuthi uMnu Mukelani Vilakazi (57), uthusane nengoduso yakhe enguNkz Samkelisiwe Mayaba (29) waseMqedandaba, eMtshezi obehlala naye eNewcastle abantu abebeyingxenye yomcimbi besanda kuhamba, emuva kwalokho kwaqhuma isibhamu.
ILANGA lithole ukuthi uMnu Vilakazi ubesola uNkz Mayaba ngokuqoma, okugcine ngokuthi abikele unina omncane ngokungaziphathi kahle kwakhe.
Kuthiwa ugila lo muga nje, bese kuhlelwe umhlangano womndeni obuzoba izolo ngeSonto kuyokhulunywa udaba lokujola kwengoduso.
Kuthiwa ingxabano isuke sebesekamelweni belungiselela ukuyolala, uMnu Vilakazi wahluleka wukulawula ukudinwa kwakhe, wagcina ngokudonsa isibhamu sakhe esisemthethweni, wadubula uNkz Mayaba, emuva kwalokho wasibhekisa kuyena bashonela khona lapho.
Kwenzeka konke lokhu nje, izingane eneminyaka emithathu ubudala ezalwa yibona bobabili nena-7 engazalwa nguNkz Mayaba, bezikhona endlini zikwamanye amakamelo. Ziwuzwile umsindo wokuxabana kwabazali bazo ngaphambi kokuba kuqhume isibhamu.
ILANGA lithole ngabasondelene nalezi zithandani ukuthi uMnu Vilakazi ubesola ingoduso yakhe ukuthi kunowesilisa ebithandana naye. “Ngeledlule kuke kwasuka umsindo kwabancane indawo phakathi kwabo, uVilakazi esola ingoduso ngokungaziphathi kahle.
“Besizitshela ukuthi le nkinga yabo sebeyilungisile ngoba sibone sebenza nomcimbi wezingane, kukuhle nje ekhaya.
“Sithuke kwaphela nasozwaneni uma sesithola ucingo lusitshela ukuthi useyibulele ingoduso yakhe,” kusho umthombo. Umfowabo kamufi ozibize ngoP Z Vilakazi, uthi omakhelwane babatshele ukuthi bezwe umsindo walezi zithandani uqhuma phezulu, kungaziwa ukuthi zibangani.
Uthi kube yisikhathi esincane kuzwakala umsindo wokuxabana, kwabe sekuzwakala owesibhamu. “Omakhelwane bafike ngaleso sikhathi bezwa ukuqhuma kwesibhamu beyobheka ukuthi kwenzenjani, bafika sekonakele.
“Bathatha izingane emuva kwalokho bafonela amaphoyisa. Kasiyazi imbangela yokuxabana kwabo.
“Bebezoba nomhlangano namuhla (ngeSonto) nomama wethu omncane, bamfonele bembikela ngenkinga ababhekene nayo esingayazi, wabe esebayalela ukuthi uzoya namhlanje eyokhuluma nabo.
“(UMnu Vilakazi) ubehlala nengoduso yakhe nezingane zakhe ezimbili azithola enkosikazini yakhe endala,” kusho uMnu Vilakazi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, usiqinisekisile lesi sigameko wathi kuvulwe icala lokubulala nedokodo lophenyo ngokushona kwalezi zithandani.
nomfundo@ilanganews.co.za