Udutshulwe wabulawa emngcwabeni womngani

501

NONHLAKANIPHO SHINGA

KUSUKE isidumo kudutshulwa kubulawa owesilisa emngcwabeni womngani wakhe KwaJikiza, KwaCeza ngoMgqibelo. ILANGA lithole ukuthi kwenzeka lokhu nje, bekungcwatshwa uMnu Sabelo Mazibuko (osesithombeni), naye obedutshulwe wabulawa ngeledlule enomngani wakhe, yena lo ogcine ebulawa emngcwabeni. 

Kuthiwa umngani – esiligodlile igama lakhe ngenxa yokuthi umndeni wakhe ubungakaziswa ngokubulawa kwakhe – ubulawe esanda kwethula inkulumo emngcwabeni kaMazibuko, ecacisa ngokwenzekile ngesikhathi ebulawa. Ngesikhathi echaza, uthe akahlangene nokubulawa komngani wakhe njengoba besekukhona abese bemsola. 

Leli phephandaba lithole ngemithombo yalo ukuthi ngemuva kwenkonzo yomngcwabo – ngesikhathi sekukhishwa ibhokisi etendeni sekuyiwa emathuneni – kube khona abesilisa abathe bangabangani bakamufi abebesuka ehhostela eGoli, abacele ukubamba ibhokisi. Ngokusho komthombo, babambe ibhokisi, baqala bacula ingoma enokusonga ngokwenzeke kumufi, bethi ngeke abulawe umngani wabo bese kucweba iziziba. “Sithe sisamangele ukuthi bakhuluma ngani kule ngoma yabo, kwavele kwaqhuma izibhamu, bonke abantu babaleka, bacasha ngoba besesingasaqondi ukuthi kwenzekani,” kusho umthombo.

Umfowabo kamufi, uMnu Celi Mazibuko, uthe bewumndeni kabazi ukuthi kwenzekeni nokuthi ukuqhuma kwezibhamu egcekeni bese kususwa ngobani. “Bengihamba phambili, ngihola ibhokisi likamfowethu, ngizwe kuqhuma izibhamu ziphindelela, ngithe ngiphenduka, ibhokisi beseliphansi, abebelibambile bebaleka,” kusho uMazibuko.

Ebuzwa ngesizathu ebesingenza umfowabo adutshulwe, uthe nabo kabanayo impendulo. Kuvela ukuthi lona odutshulwe emngcwabeni, ngowaseMondlo, kanti bekusalindwe ukuthi amaphoyisa azise umndeni wakhe.

Iphoyisa elingavumelekile ukuphawula kwabezindaba, lithe amaphoyisa aseMahlabathini ayaphenya ngokwenzeke kulo mngcwabo.  “Kunecala lokubulala elivuliwe, kodwa bekungakaboshwa muntu,” kusho leli phoyisa.

nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Previous articleKusolwa isenzo zobuthakathi ngokugqejulwa kwamathuna eMlazi
Next articleZiyabubula izintatheli ngokukhishwa kwe-media truck kwiComrades Marathon