Udutshulwe wabulawa ovulele umngani icala lokudlwengula

1551

SKHOSIPHI MTHEMBU

KUQUBUKE indida ngokudutshulwa kubulawe umfundi kamatikuletsheni eSdumbini, eNdwedwe, kusaphele izinsukwana evulele umngani wakhe icala lokumnukubeza. 

ILANGALempelasonto lithole ukuthi ikhulunyelwa phansi eyokubulawa kukaNkz Nelisiwe Monica Mbambo (18), okuthiwa udutshulwe ngumuntu ongaziwa ekubo ngoMgqibelo ebusuku. 

Leli phephandaba lithole ukuthi uNkz Mbambo ubulawa nje, ubesanda kuvulela umngani wakhe icala lokumdlwengula, esigamekweni okuthiwa senzeke ngomhla ka-3 kuyona le nyanga. Kubikwa ukuthi amaphoyisa abe eseshaqa owesilisa okuthiwa ubengamathe nolimi noNkz Mbambo, ovele enkantolo ngoLwesibili. 

Umthombo waleli phephandaba ulihlebele ukuthi ngosuku uNkz Mbambo anukubezwa ngalo, kwakunomcimbi (party) owawenziwe nguyena umsolwa eNsuze. “Sizwa kuthiwa umcimbi waqhubeka kwaze kwahamba isikhathi uNkz Mbambo waya egunjini thizeni nomunye wesifazane, balala. Ebusuku, waphaphama umsolwa ephezu kwakhe. Kuthiwa wasuka lapho wayovula icala,” kusho umthombo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Col Nqobile Gwala, usiqinisekisile isigameko sokubulawa kowesifazane ohlaselwe ekubo ngabantu abangaziwa. 

Uyiqinisekisile neyecala lokudlwengula ebelivulwe ngumufi nokuthi umsolwa waboshwa ngecala lokudlwengula.

Previous articleKuzosina kudedelane abezinhlobo ezahlukene kokamaskandi
Next article“USenzo noJason” bazobonakala emdlalweni owodwa