Kuthiwa ummangalelwa udinwe wukwenziwa inhlekisa endaweni ngumufi, baxabana waze wamdubula
TSEPO MOLEFE
ZISAPHITHENE amakhanda izinduna zesizwe sakwaNtuli eMbongolwane, eShowe, ngekhehla elidubule labulala umakhelwane walo kubangwa umhlaba, yize udaba bese lusingethwe yizona ngenhloso yokuthola isixazululo. ILANGA lithole ngomthombo walo okuleya ndawo ukuthi izinduna zesizwe zisale zibambe ongezansi ngesehlakalo sango-Lwesihlanu olwedlule sokuhlaselwa kubulawe uMnu Philani Mhlaba (45) (osesithombeni) ngumakhelwane wakhe, uMnu Boy Nxumalo (80), ogcine ezinikele emaphoyiseni.
Ugqunywe esitokisini waze wavela eNkantolo yeMantshi yaseShowe ngoMsombuluko ngecala lokubulala. Umthombo waleli phephandaba uthi uMnu Mhlaba noMnu Nxumalo bebenengxabano ebisithathe isikhathi eside emuva kokuba ummangalelwa wanweba uthango lomuzi wakwakhe lwaze lwangenela esizeni esasinikezwe umufi. “Udaba lukamufi nommangalelwa belusingethwe yizinduna nokho zagcina zimhlulile ummangalelwa, zamsola ngokudla ngesinxele indawo yomuntu. Kumdinile ukuchithwa yizinduna, wadlulela enkantolo yesizwe, etshela iNkosi Dalingcebo Ntuli ukuthi izinduna zakhe zidayisa ngaye kubafana abancane futhi ziyamdingisa esizweni. “Inkosi izibizile izinduna ifuna ukuzwa kahle mayelana nobekushiwo ngummangelwa, kodwa kwangefana njengoba zichazile ngokwenzekile.
“Inkosi igculisekile ngebikutshelwa yizinduna nokuthi kazizange zidingise muntu esizweni. Ummangalelwa uzwile ukuthi inkosi isohlangothini lwezinduna, wadinelwa kumufi emsola ngokumenza inhlekisa endaweni. “Baxabanile ngaphandle kwemizi yabo, ummangalelwa wagcina edonse isibhamu enqulwini, wadubula umufi oshonele endaweni yesigameko,” kusho umthombo. UMnu Lucky Ndlovu oyinduna esizweni sakwaNtuli futhi okunguyena obesingethe udaba lomhlaba obubangwa, usiqinisekisile lesi sigameko kwiLANGA, wathi simshiye ethukile ngoba ubengazitsheli ukuthi kungaphetha ngokuphuma kwesidumbu. “Bese siluphothulile udaba lombango womhlaba, kangazi ukuthi ingxabano ibisiqutshulwa yini ngoba ummangalelwa kutholakale ukuthi nguyena ongene ngephutha emhlabeni womuntu. Samtshela kahle ukuthi makahlehlise ucingo lwakhe olusendaweni yomuntu ukuze kube nokuthula kwazise bakhelene. “Besingazitsheli ukuthi usengadinwa aze akhiphe isikhali abulale umuntu. Sinovalo lokuthi hleze le mindeni yomibili ingagcina ingezwani, lokho esingakufuni esizweni. Silinde angcwatshwe umufi bese sibiza umhlangano wesizwe, sikhuze lesi sihlava singaze sikhule esizweni,” kusho uMnu Ndlovu. Imizamo yokuthola umndeni kamufi iphunzile njengoba ucingo lukaMnu Bafanyana Mhlaba onguninalume belungangeni futhi lungayithathi nemilayezo. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo, usiqinisekisile lesi siga-meko.