“Ufakwe amasondo” obeyisikhulu seNsfas

266

THANDOLUHLE NGUBO

IBHODI labaqondisi beNational Student Financial Aid Scheme (NSFAS), likuqinisekisile ukuxoshwa kwesikhulu esiphezulu salesi sikhwama, uMnu Andile Nongogo, obesekuphele isikhathi esingangezinyanga ezimbili simiselwe izinsolo zokuthi saqoka izinkampani ezine – iCoinvest Africa, yi-Ezaga Holdings, yiTenet Technology  neNorraco Corporation – ezafaka imali yezitshudeni ngale kokulandela imigudu efanele, nokukhokhwa kwemali yeNSFAS elinganiselwa ku-R47-billon kulezi zinkampani.

Lokhu kudalulwe ngusihlalo webhodi yeNSFAS, uMnu Ernest Khoza namuhla phambi kweStanding Committee on Public Accounts (Scopa), ephalamende. Uveze ukuthi ibhodi lisithathe izolo ebusuku isinqumo sokuxosha uNongogo, ngoba waphula inqubomgomo yeNSFAS.

Ngokophenyo olwenziwa yinkampani yabameli, iWerksmans Attorney’s ngoNcwaba (August) nonyaka – luholwa ngumahlalehlabana wommeli, uMnu Tembeka Ngcukaitobi nozakwabo uSandile July – kwabikwa ukuthi ukuqokwa komeluleki wezobuchwephese weBid Evaluation Committee yeNSFAS kwakungaqondakali, ngokunjalo nobudlelwano bukaNongogo nezinkampani ayeziqokile ukukhokha imali yezitshudeni eziwu-1.1 million ezihlomula kwiNSFAS, nakho kwakungaqondakali.  

Ngesonto eledlule, ibhodi yeNSFAS yanika uNongogo izinsuku eziwu-7 ukuba abeke izizathu zokuthi kungani kungamele axoshwe kulesi sikhundla, okugcine ngokuthi angazivezi zaze zaphela izinsuku abezinikiwe.

khonamanjalo, i-Organisation Undoing Tax Abuse (Outa), idalule ukuthi lezi zinkampani ezine ezaqokwa nguNongogo kazibhalisiwe njengabahlinzeki bezemali. 

Previous articleUZimdollar uxolisa ngokubiza amaphoyisa “ngababulali”
Next articleIngcindezi ye-ActionSA iholele ekubhutsheni kwamaSAMA eKZN