SENZO SOKHELA
UFANISWE nesosha ebelingahlehli empini umdlali weRichards Bay FC uSiphamandla “Spepe” Mtolo odlule emhlabeni ngoLwesibili. UMtolo (29) obelihlikihla esiswini kwiBay udlule emhlabeni emuva kokuba ewe ejimini. Izolo ngoMgqibelo ekuseni bekunenkonzo yesikhumbuzo sakhe ebisehholo lomphakathi eNkobongo, eShakaskraal. Le nkonzo ibihanjelwe ngamalungu omphakathi, yizikhulu zebhola nabadlali bamakilabhu ahlukene. phakathi kwabebehambele le nkonzo kungabalwa uMengameli weSafa uDanny Jordaan, uKwenzakwakhe Ngwenya weSafa, uQuintone Jetoo noYounis Kadodia abayizikhulu zeMaritzburg United, uSimon Ndebele wamaZulu, u-Erick Mathoho noNkosingiphile Ngcobo beChiefs, uMakhosonke Mhlongo noLungelo Nhlumayo abayizimenenja zoThongathi abebehamba nabanye abadlali bale kilabhu.
Kubadlali beRoyal AM bekukhona uHappy Jele, uMthokozisi Dube, uThato Lingwathi, uZukile Mkhize, ukukha nje phezulu. UJordaan uthi ukudlula kukaMtolo emhlabeni kubuyise ukudlula emhlabeni kukaMarc-Vivien Foe waseCameroon naye owawa enkundleni washona ngo-2003. “Ukudlula kukaMtolo kubuyise leya nto eyenzeke kudlula emhlabeni uFoe ngo-2003. “Ngaya emngcwabeni wakhe, kwakubuhlungu. “Naye ubenjengoMtolo, ubelisosha enkundleni kodwa akekho owabanezimpendulo ngokushona kwakhe. “Ngikholwa wukuthi iFifa kufanele iqhamuke nohlelo lwezempilo ukuhlola abadlali ngoba bayafa enkundleni.
“Kodwake ekugcineni ngeke siphikisane necebo likaNkulunkulu uma esezolanda umuntu wakhe. “Ngithintekile uma ngizwa indaba kaMtolo, yingakho ngibe sengixhumana nehhovisi leCaf elithumele umyalezo wenduduzo. “UMengameli weFifa uGiovanni Infantino ucele ukuba ngidlulise umyalezo wenduduzo emndenini weRichards Bay nasemndenini wakwaMtolo ngokwenzekile. “Nathi-ke siyiSafa sithi dudu kwiRichards Bay nasemndenini wakwaMtolo,” kusho uJordaan obephuthuma emhlanganweni weFifa oseRwanda. Ube esethumela umyalezo kubadlali beBay ukuba badlale ngokuzinikela ukuze uMtolo amamatheke lapho elele khona. senzos@ilanganews.co.za