Ufata uchitha eyokumiswa ebandleni

1142
Uthi nguyena ozicelele ukuhlaba ikhefu lezinyangana

NOMFUNDO NGWANE
noNQOBILE NDLELA 

USEKHEFINI lezinyanga ezintathu ufata wama-Sheshi ophenywa ngezi-nsolo zokudla u-R50 000 webandla nokugxambukela eku-khishweni kwethenda ka-R650 000 yokulungiswa kwesakhiwo seba-ndla – kunemibiko ethi empeleni umisiwe.

UFata Thami Shange (65) (osesithombeni), ophethe igatsha lamaSheshi eNwabi, kwa-J, eMlazi, ILANGA libike kabanzi ngeziga-meko zakhe, phakathi kwazo yilapho ekhwela edilika khona kumbhishobhi waleli bandla,

 eNatal, uDino Gabriel, emsola ngokuba yiphixiphixi elingena-mgogodla, elehlulwa wumsebenzi walo eliqhatha abazalwane ngokuhleba. Wathi enjalo nje nemithetho yebandla akayazi. 

Kakugcinanga lapho, leli phephandaba selike labika nokuthi kuthiwa uFata Shange ucwila ezinkambeni zikaFaro obekukhathaza amalungu eba-ndla kwazise bebethi ubeke afike enkonzweni ebukhile. 

Ngesikhathi eziphendulela ngabesolwa ngakho, wakubeka kwacaca ukuthi vele uyazitika ngezinyembezi zikaKhwini futhi yinto angenamahloni ngayo, kodwa waphika ukuthi uya ebandleni edakiwe. 

Imithombo yaleli phephandaba engaphakathi ebandleni, ilipo-tshozele ukuthi uFata Shange umisiwe emsebenzini ngenxa yokuthi kuphenywa ngezinsolo abhekene nazo zokudla imali yebandla. 

Likhuluma naye ILANGA emuva kokuzwa izindaba zokuthi umisiwe, uhleke usulu wathi akamisiwe, kodwa nguyena ocele ukuhlaba ikhefu lezinyanga ezintathu ukuze akwazi ukulungisa izinto eziqo-ndene naye njengoba ngoZiba-ndlela (December) ezothatha umhlalaphansi ekubeni ngufata. 

“Ngamanga aluhlaza ukuthi ngimisiwe, yimina engiye kumbhi-shobhi ngayoxoxa naye, ngacela ukuba angiphe ikhefu lezinyanga ezintathu, wabe esebhalela abazalwane incwadi ebazisa ukuthi ngiya ekhefini ngizobuya ngemuva kwezinyanga ezintathu. 

“Ngokwazi kwami uma umuntu emiswa emsebenzini, uyaphucwa imoto nazo zonke izinto zokusebenza, mina ngisahamba ngayo imoto yebandla, zonke izimfanelo ezibalulekile njengokukhokhela ugesi namanzi nokunye, ngiqhubeka nokukwenza kanti neholo lami ngizolithola linjengoba linjalo ekupheleni kwenyanga,” kusho yena. 

Uveze ukuthi uma ebuya ekhefini, uzoba nohambo lwaphesheya kwezilwandle, oluqondene nomsebenzi wakhe. “Ibandla lamasheshi likhulu, akulona ibandla ongavuka ekuseni uzithathele izinqumo ngokuthanda kwakho. Njengoba sibekiwe nje ukuba sihole 

ibandla, siyasebenza, sinawo wonke amalungelo ezisebenzi,” kusho uFata Shange. 

ILANGA likhulume negosa elikhulu laseNwabi, uMnu Lucky Luthuli, elikuqinisekisile ukuthi uFata Shange uzicelele kuMbhishobhi Gabriel ukuhlaba ikhefu ngoba efuna ukuyophumula ekhaya kwazise kunezinto eziqondene naye afuna ukuzilungisa. 

“Nencwadi asithumelele yona umbhishobhi iyakucacisa ukuthi uFata Shange umnike ikhefu lezinyanga ezintathu. Lokhu kokuthi umisiwe kasi-kwazi thina,” kusho uMnu Luthuli. 

Imizamo yeLANGA yokuthola uMbhishobhi Gabriel iphu-nzile njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa kwaze kwashaya isikhathi sokuloba. 

UMbhishobhi Seleoane Tsietsi, utshele ILANGA ukuthi noMbhishobhi Gabriel  usekhefini, wabe esesika elijikayo ngekhefu likaFata Shange. 

“Sonke singofata nababhi-shobhi siphoqelekile ukulithatha leli khefu, kusuke kunga-sho ukuthi umisiwe emsebenzini, kodwa kanginalo ulwazi olugcwele ngekhefu elithathwe nguFata 

Shange,” kusho yena. 

nomfundo@ilanganews.co.za

Previous articleKuzohlonishwa iChalaha LikaShafuza
Next articleULady Zamar uphumela obala ngothando