Ufata usolwa ngokweshela abasuke beyovuma izono

205
Uzihlangula ngombango wezikhundla oqhubekayo ebandleni

THANDEKA NGOBESE

KUXABENE ubendle kwipherishi yama Roma akhatholika eseziMbokodweni, eThekwini, iSt Ma-

dgalene Parish okusolwa ufata wakhona ngokuqomisa amantombazane uma eyovuma izono e-sakristi, okuwudaba okuvela ukuthi seluze lwabikwa nakuMbhishobhi Mlungisi Dlungwana. 

Nokho uFata Mzokhona Nhlangulela, onukwa ngalo mkhuba, usola amalungu ebandla akhala ngale nkinga ngokuthi ahlose ukumdicilela phansi kwazise kunombango wezikhundla. 

Amalungu alley pherishi acele ukuba amagama awo agodlwe ngenxa yobucayi bodaba – azifikele mathupha emahhovisi eLANGA ngo Lwesibili ephethe nezincwadi ezithunyelelwe uMbhishobhi Dlu-ngwana. 

Asola ufata nangokuthi amantombazane uze awabambe awaqabule izandla ngesikhathi esaqomisa. Ezincwadini ezimbili ezibhalwe ngamanye ala mantombazane, eyokuqala ithi ngesikhathi iyovuma izono e-sakristi ngo-2017, ufata wa-yibuza ukuthi izalwa nini, yisiphi isipho engasithanda uma sekuwusuku lwayo lokuzalwa, okuyinto okuthiwa ufata akayibuzi nakuyibuza uma ikholwa liyovuma izono. 

“Ubelokhu engibuza imibuzo engasile uma ngiyovuma, ngaze ngayeka ukuvuma izono ngo-2017 no-2018. Kuthe kusenjalo, ngakhulelwa, kwaphoqeka ukuthi ngiye kuyena ngo-2019 noyise wengane yami siyocela ukuhlawuliswa ngokuzala ngaphandle komshado. 

“Kuthe sengihamba ngedwa ngiyocela ukuthi kubhabhadiswe umntanami, ngiyobuza nokuthi zi-mfanelo zini ezidingekayo, wangitshela ukuthi ngiyalibona yini iphutha engalenza ngokungamvumeli ukuthi kube nguye uyise wengane yami, ngangaphendula. Waqhubeka wathi ukube ngavuma ukuthi abe nguyise wengane, ibizophila ntofontofo, ayondle ngasese. 

“Ngathi sengiphuma esekuphendulile engangiyokuzwa, wasukuma kuqala esihlalweni ehhovisini lakhe, wakhiya isicabha wama ngemuva kwaso wavula izandla wacela ukuba ngimange (hug). Ngamanga kanti uzovele afake ulimi endlebeni yami, ngathuka ngamphusha ngizama ukuphulukundlela. 

“Wangibamba wazama ukungidonsela ekamelweni lakhe lokulala eliseduze kwehhovisi esasikhulumela kulona. Ngamtshela ukuthi ngizomemeza ngoba ngangizwa ukuthi kukhona osekhishini owasha izitsha wase engidedela ngaphunyula kanjalo,” kusho le ntokazi esitatimendeni.

Iqhuba ithi ufata ubeyifonela ngisho izihlalele kubo, ayitshele ukuthi mayithi ukuqhela eduze kwabantu bese eyitshela ukuthi uyayithanda, ucela ivume ukuphuma naye bayodla idina, inqabe. 

Ithi selokhu iveze lezi zindaba, emalungwini ebandla ufata uke wayifonela ethi izozisola uma ingaxolisi ngokumqambela amanga, yenqaba ukuxolisa ngoba ithi konke ekushilo kuyiqiniso. 

Enye yalezi zintokazi ithi ufata wayishela ehleli esihlalweni sokuvuma, wayitshela ukuthi ingayithi vu le ndaba kubazali bayo. 

“Ngathi ngisaguqile ngivuma, wa-bamba isandla wasiqabula, esho ukuthi uyangithanda. Ngaphuma lapho ngatshela ugogo nomama ngoba ngangilimele kakhulu emoyeni. Emuva kwalokho, ubesengifonela angitshele ukuthi uyangithanda, ngingazi ukuthi uyithathephi ino-mbolo yami. 

“Ngesikhathi ekhuluma, bengimfaka esipikheni ukuze umama azizwele yonke into abeyisho. Ngiqhubekile ngayovuma izono uma kuvunywa, kwesinye isikhathi angasho lutho,” kusho le ntokazi. 

Amalungu aleli perishi athi lolu daba alubikile kuMbhishobhi Dlungwana oqoke uFata Sibusiso Mlaba ukuthi aluphenye. Athi indlela uFata Mlaba alusingathe ngayo lolu daba kayiwajabulisanga kwazise ubize umfundisi nezingane ngasi-khathi sinye, zahluleka wukukhuluma. 

“Kuningi esikubikile ngaye kumbhishobhi, okubalwa ukukhuluma ahlambalaze, akhulume ngabefundisi abayizitabane,” kusho omunye wabazalwane abebefike kuleli phephandaba. 

Ekhuluma neLANGA uFata Nhlangulela, uthe abakhuluma ngegama lakhe baqamba amanga, akafuni nokuqala ukubaphendula ngoba bahlambalaza igama lakhe ngezinto ezingekho.

“Ukube bengiyinina, bengingeke ngizihluphe nakuzihlupha ngaleyo nto ngoba bekufanele baye ema-phoyiseni uma ngihlukumeze izingane ngokocansi. Lolu daba luqutshulwa wumbango wezikhundla ngaphakathi, ngikhuluma nje, ngeledlule bebefuna umhlangano ongekho emthethweni (mayelana naye ufata),” kusho uFata Nhlangulela. 

Ube esenika ILANGA inombolo kaFata Sakubita Like wathi makuthintwe yena ngezindaba zebandla. Uthumele nomqhafazo othi kunabefundisi abayizitabane abasebenzisana nala makholwa afike kuleli phephandaba. 

“Ukuze uthole udaba olugcwele ngomnyombo namaqiniso ayo yonke le nto, kungcono ufike la kimina sihlale phansi siluxoxe,” kusho umqhafazo kaFata Nhlangulela. 

Ethintwa uFata Like, ozichaze njengommeli kaFata Nhlangulela, uthe lolu daba lwehlisa isithunzi sikafata. Uthe ukube abazalwane banobufakazi bale nto abayishoyo, bebezolandela imigudu efanele hhayi ukuthi bayomhlambalaza emaphepheni.  

“Bekufanele babike kumbhishobhi udaba bese bemnika isikhathi sokuthi aluphenye abuyele kubona nezimpendulo. Enye indlela abebengenza ngayo, wukuyovula icala emaphoyiseni. 

“Uma sebembikele umbhishobhi, kasikho nesincane isidingo sokumjaha ukuthi athathe isinqumo ngoba naye kunenqubo yebandla okufanele ayilandele uma enza uphenyo olunjena. Le nto abayenzayo yokuya emaphephandabeni ngeke ibasize ngalutho ngoba uma etholwa engenacala, bazokwenza njani sebeqambe amanga ngaye ephephandabeni?” kusho uFata Like.

UShansela Vusi Sokhela okhulumela leli bandla, uthe udaba bangasho ukuthi lwafika futhi bangasho ukuthi kalufikanga.

“Umbhishobhi kunendlela ayilandelayo uma kukhona izindaba ezifuze lezi. Isigaba sokuqala umbhishobhi asenzayo wukuqoka umfundisi ozothatha izitatimende ezinhlangothini zombili. 

“Kulolu daba amantombazane analezi zinsolo ngofata, bekufanele abhale isitatimende phambi kwekomiti elijutshwe ngumbhishobhi ephelezelwa ngabazali njengoba kwenzeka uma uyovula icala emaphoyiseni. Bekungakenzekike lokho. 

“Bekufanele kwenzeke lokhu ngoLwesibili olwedlule, kodwa amantombazane ahoxisa. Sisalinde wona eze nosuku angakwazi ukufika ngalo. 

“Uma esesenzile isitatimende sasayindwa, sagxivizwa, umbhisho-bhi uyobe eseqala uphenyo oluthatha isikhathi salo ngaphambi kokuba kuphume isinqumo,” ephetha. 

uShansela Sokhela.