Ufele esangweni onesi besaba iCovid

1106

Umndeni uthi awunayo imali yokufihla indodana yawo

TSEPO MOLEFE
UPHELE sekumuncu umduvo wabahlengikazi nezisebenzi zasemtholampilo waseGomane, eMpendle, ngoMsombuluko kushona isiguli esangweni ngoba izisebenzi ziqhinqile, zingayizwa eyokungena emagcekeni omtholampilo, zithi zisaba ukusuleleka nge-coronavirus emuva kokutholakala komunye wozakwabo ehlabekile. Lishone elangoMsombuluko ibatshazwa ematekisini indaba ‘yokuphela kozwelo’ ezisebenzini zalo mtholampilo.

Umthombo weLANGA okuleya ndawo, uhlaba ukulahleka kobizo lwabahlengikazi bakulo mtholampilo ngokushona kukaBongani Zuma (28) waseGomane, obeyiswe khona nguyise, uMnu Mthi Zuma. UMnu Zuma nendodana yakhe bafike bakhangwa yinguzunga yengidi esangweni lomtholampilo, ebikhombisa ukuthi amasango avaliwe, kunabaqaphi bodwa ngaphakathi.

“Noma ngabe besekusatshwa kanjani, kodwa bekumele kuyalelwe iziguli ukuba zehlele emtholampilo waseNzinga ukuze zisizakale. Yebo, amasango asemtholampilo wabo abevaliwe, kodwa imilomo beyingavalwanga ukuyalela iziguli ukuba ziye komunye umtholampilo. “Lokhu kusishiya nemibuzo yokuthi ngabe siphephile yini kulezi zandla eziselaphayo noma zibeke phambili impilo yazo kuneyabantu ezithi zibizelwe ukubahlenga,” kusho umthombo.

Ekhuluma neLANGA uMnu Zuma, uthe ngeke abeka muntu icala ngokushona kwendodana yakhe ngoba ukugula kwayiqala ngeSonto ntambama emuva kokuwa egcekeni lakubo.
Uthi ukugula kuyiqinisile ebusuku, idlikiza, bavukela emtholampilo ekuseni. “Sifike emtholampilo ngo-7:30 kukubi, kwaba wukuthi akusebenzeki emanesini. Silinde i-ambulance okuthiwe izosisiza kwaze kwashaya u-10 emini, okuyilapho sibone khona ukuthi indodana seyithule.

“Kuyimanje nginenkinga yokuthi ngizosikhipha kanjani isidumbu emakhazeni engisicelele kuwona ngoba bengingenawo umasingcwabisane. Ngiphithene ikhanda ngoba akusebenzi muntu lapha ekhaya. “Namhlanje (ngoLwesibili) sivuke nomyalezo kumakhalekhukhwini kamufi wokuthi makayolanda u-R350 wesibonelelo sabangasebenzi, kodwa ngibuye ngilambatha kuthiwa kudingeka umnikazi kamazisi lo osesemakhazeni,” kusho uMnu Zuma.

UNkk Noluthando Nkosi, okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, ucele ukunikezwa amagama kamufi nomtholampilo ashonele kuwona ukuze umnyango uzoxhumana nabaphathi bawo ukuzwa ngokwenzekile ngaphambi kokukhuluma nabezindaba. UMnu Mhlaba Memela, okhulumela uMnyango wokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, ucele umndeni kamufi ukuba ube nezinto eziwubufakazi basemaphoyiseni bokuthi ngempela ushonile; kungaba yincwadi efungelwe emaphoyiseni noma isitifiketi sokushona bese uyokhipha imali yesibonelelo sakhe eposini.

“Kanginalo ulwazi lokuthi bazoyithola iyisamba yini le mali kube ngeyezinyanga zonke lezi eziwu-6 ezanqunywa ngumengameli wezwe. Njengoba umndeni uthi kawazi ukuthi uzohlanganisani ukufihla ithambo lawo, bekungaba kuhle uxhumane nekhansela lewadi ngoba omasipala bonke bayayazi imigudu elandelwayo ukufihla labo bantu abaswele,” kusho uMnu Memela.

Previous articleWenqabe u-R20 000 “odlwenguliwe”
Next articleZishaya phansi izinyunyana ngodaba lwezikole