Kuthiwa abasolwa babeboleke le mali beyokhokha ibheyili yelinye icala
THANDEKA NGOBESE
USABABAZA unya lwabesilisa okuthiwa bangabaholi benhlangano ebizwa ngabaHlali Basemjondolo umphakathi waseCato Crest, eMayville, eThekwini abasolwa ngokudubula babulale ilungu lomphakathi ngoba kade libasela isikweletu salo kubona ngoLwesine.
UMnu Vusi Shandu (45), kuthiwa waboleka uMnu Lindokuhle Shandu, uMnu Landu Shazi nomunye umsolwa esingeke simdalule ngenxa yokuthi uvela namhlanje enkantolo u-R5 000 beyokhokha ibheyili yelinye icala abebebhekene nalo.
ILANGA likhuluma nelungu lomndeni elicele ukuba lingadalulwa ngenxa yengebhe yokuthi hleze lizithintele iminyovu, lithi abasolwa abanezikhundla eziphezulu kubaHlali baseMjondolo, baqala ngokusabisa umfowabo ngokumyisa kwaqoqanyawo uma elokhu ebasela le mali.
“Ngemuva kwalezo zinsongo, umfowethu walubika emaphoyiseni udaba, abahlanganisa ababekela umqamulajuqu wokuthi kushaye usuku oluthile sebeyikhokhile le mali. Ngemuva kwalokho, besebemlandela noma eya emsebenzini, ngisho ehamba nabangani bakhe.
“Ngosuku ashona, ngalo wababona bemlandela wafonela abanye abangani bakhe ebatshela ukuthi naba (abasolwa) bemlandela, kodwa ngeke abaleke, ufuna ukubona ukuthi bazomenzani.
“Omunye wabangani bakhe waphuthuma lapho ayekhona, wabafica abasolwa, okwathi esedlula uVusi bamdubula,” kusho yena.
Omunye wabangani bakamufi naye ocele ukuba lifihlwe igama lakhe njengoba engase abewufakazi wenkantolo uthi ngemuva kokwenza lesi sigameko, abasolwa bagcwala izinkalo kodwa ababili bagcina bebanjiwe.
Umsolwa wesithathu ubanjwe ngoLwesihlanu eyothamela icala lozakwabo eNkantolo yeMantshi yaseThekwini.
Okhulumela amaphoyisa Kwa-Zulu, uCol Thembeka Mbhele, uluqinisekisile udaba lokudutshulwa kowesilisa amahlandla amathathu wathulela endaweni yesigameko.
Uthe kuboshwe abasolwa ababili ngecala lokubulala, bavela eNkantolo yeMantshi yaseThekwini, kulindele ukuba baphinde bavele ngesonto elizayo beyofaka isicelo sebheyili,” kusho uCol Mbhele.