Kuthiwa umbize “ngozisini”, elibele uWhatsApp
MTHOBISI SITHOLE
isithombe: sakhiwe
IFELE ukubiza umyeni wayo ngento enezisini nokwenqaba ukumphekela ukudla ingoduso okuthiwa iklajwe yabulawa yisinqandathe sayo ngoMgqibelo ebusuku eNkandla.
Owesilisa waseMabhuqwini eNkandla, kuthiwa ubulale uNkz Ntombifuthi Gabela (38) emuva kwengxabano esuswe wukwenqaba kwayo (ingoduso) ukupheka ukudla.
Ngokuthola kweLANGA, kuthiwa lona wesifazane ufike ngoMgqibelo eNkandla ebuya kubo eNtinini, eBabanango. Kuthiwa utshelwe yisoka lakhe ukuthi makapheke, okuyikhona okubaxabanisile.
Umthombo waleli phephandaba uthi uNkz Gabela wenqabile ukupheka, wathi usekhathele wukuphekela le nto enezisini, ebhekise esokeni lakhe.
“Ngisola ukuthi umyeni wakhe udinwe yilokho. Kwenzeke isihluku esimangalisayo impela, umuntu abulale inkosikazi yakhe ngalolu hlobo. Ibimanxebanxeba ekhanda,” kusho umthombo.
Kusolakala ukuthi lona wesilisa ubesebenzisa isidunu sembazo ukubulala uNkz Gabela. Kuvela ukuthi ngaphambi kokuba kushube le ngxabano ekhiphe isidumbu, umyeni uqale ngokukhala ngokuthi uNkz Gabela ulibele wukusebenzisa uWhatsApp, engabe uyomphekela ukudla ngoba ulambile.
“Namanje sisadumele, kayikaze yenzeke into efana nalena kule ndawo,” kusho umthombo.
UMnu Velakahle Ntombela oyilungu lomndeni, uthi ngokuthola kwabo kumsolwa, okubaxabanise nengoduso yakhe wukuthi yenqabe ukupheka.
“Umfowethu usitshele ukuthi ubuye nokudla okuncanyana edolobheni eNquthu, wacela umkakhe ukuba amphekele kwabe sekwehlukana imibono.
“Kunzima-ke ukuqinisekisa ukuthi yisona ngempela yini lesi sizathu esimenze wathatha lesi sinqumo noma mhlawumbe kukhona enye ingxabano yabo endala,” kusho uMnu Ntombela.
Uthi nakuba isidumbu sitholakale ngeSonto mantambama kodwa kunezinsolo zokuthi isigameko senzeke ebusuku. Uveze ukuthi nakhona babone ngoba kugobhoza igazi liqhamuka endlini ebikhiyiwe okukhombise ukuthi kukhona umuntu ophakathi.
Kuthiwa lona wesilisa wenze lokhu maqede mavuka wahamba. Kusolwa ukuthi ubezosingcwaba ebusuku ngeSonto isidumbu. Kuthiwa isidumbu sitholakale simbozwe ngengubo, sifihliwe. Ngokusho komndeni wakwaNtombela, uNkz Gabela uklajwe ngembazo ezinhlafunweni, emuva kwendlebe, nakwezinye izindawo kanti kunengxenye yekhanda ebiziqathakela.
Okhulumela amaphoyisa Kwa-Zulu-Natal uKapteni Nqobile Gwala, uthi kuvulwe icala lokubulala eliphenywa esiteshini samaphoyisa eKhombe. Kuboshwe owesilisa oneminyaka ewu-30 ubudala okulindeleke ukuba avele enkantolo maduzane.