Ufihlwa kusasa owayeshade noBrenda Fassie

382

LUCKY CAIN 

UFIHLWA kusasa ngoMgqibelo uNhlanhla Mbambo (osesithombeni) owaba sematheni ngesikhathi eshada nesilomo somculi waseNingizimu Afrika, uBrenda Fassie (ongasekho). 

UMbambo udlule emhlabeni ngoMsombuluko kusihlwa emuva kokugula. Izindaba zokushona kwakhe zisabalale ezinkundleni zokuxhumana ngoLwesibili ekuseni. 

Umfowabo, uMnu Sbusiso Sqeda Mbambo uthe, bewumndeni zibashaqisile izindaba zokudlula komnewabo, bebenethemba lokuthi usazolulama.

Uthe ngeke ibe khona inkonzo yesikhumbuzo, uzofihlwa ngoMgqibelo esontweni lamaLuthela, kwa-F, KwaMashu enkonzweni ezoqala ngo-9 ekuseni. 

Uveze ukuthi umfowabo ushiye izingane ezine nabazukulu. Uchaze umfowabo njengomuntu obekhuthele, esebenza nabahleli bemicimbi eyahlukene kuleli. 

Umngani kaMbambo, uDJ Master Blaster, uzwakalise ubuhlungu ngalezi zindaba. Uthe ugcine ukukhuluma naye emasontweni amathathu adlule ngaphambi kokuba angeniswe esibhedlela. 

UMbambo waba sematheni ngendumezulu yomshado wakhe noBrenda ngo-1989, njengoba emuva komshado, lo mculi -owayengaconsi kubathandi bomculo -wakhipha ingoma ethi “Don’t Follow Me I’m Married”. Ngeshwa, bahlukanisa ngemuva kweminyaka emibili. 

lucky.cain@ilanganews.co.za

Previous articleKubhekwe osondonzima babaholi kokaLangalibalele
Next articleUZuma akapheli moya “ngokugojela” uRamaphosa