Ufihlwa kusasa uZagallo owanqoba iNdebe yoMhlaba yeFifa amahlandla amathathu

291

INTATHELI YELANGA

LIFIHLWA kusasa ngeSonto iqhawe likanobhutshuzwayo waseBrazil, uMario Zagallo (92), elanqoba iNdebe yoMhlaba yeFifa amahlandla amathathu nezwe lalo. UZagallo – owadlala noPele [Adson Arantes do Nascimento, odlule emhlabeni ngoZibandlela (December) ka-2022] ushone izolo.
Lo makadebona wanqoba indebe yomhlaba engumdlali ngo-1958, wayiphamisa esengumqeqeshi ngo-1970 nangesikhathi eyisekela lomqeqeshi ngo-1994.

UZagallo ejabula nabadlali beBrazil.

Ngo-1970, wabizwa iqembu selivele lingenile kule midlalo, emuva kokuxoshwa kukaJoao Saldanha okubikwa ukuthi waba nokungqubuzana noPele futhi wangazwana nomengameli kasoseshini webhola laseBrazil, u-Emilio Garrastazu Medici, kubangwa indlela yokuqoka abadlali.

Previous articleUSkhova ungu-Einstein kamaskandi
Next articleIsexwayiso kubafundi abadinga uxhaso lweNSFAS