THANDOLUHLE NGUBO
UTHELEKE eNingizimu Afrika ehamba ngesihlalo esinamasondo, efake ukhonkolo emqaleni, wagodla nengalo uMnu Micheal Lomas, owayengusonkontileka esiteshini senkampani i-Eskom, iKusile, obebhace eLondon, e-United Kingdom. ULomas ongowongokudabuka khona e-UK, ulethwe kuleli ngemuva kokuba inkantolo yase-London isichithile isicelo sakhe sokungabuyiselwa kuleli. Ummeli wakhe waveza ukuthi ukubuyiselwa kukaLomas kuleli lizwe kuzobeka impilo yakhe engcupheni njengoba kungenzeka azibulale uma inkantolo igunyaza ukubuyiswa kwakhe.
Ijaji lakuchitha lokho laveza ukuthi kalikholwa ukuthi umuntu olingana no-Lomas ngokweminyaka angakwazi ukuzibulala, ikakhulukazi njengoba amaphoyisa ezobe emqaphe ngeso lokhozi. ULomas, ubhekene namacala enkohlakalo nokukhwabanisa imali elinganiselwa ku-R1,5 billion, ezigamekweni okuthiwa zenzeka phakathi kuka-2008 no-2018. Waboshwa ngo-2021, wadedelwa ngebheyili, nokuyilapho athola khona ithuba lokubaleka ayobhaca eLondon. ULomas kulindeleke ukuba azobhekana namacala akhe nalabo aboshwe nabo abane, okuwuMnu Frans Hlakudi noMnu Abram Masango, ababeyizikhulu zakwa-Eskom kanye nosomabhizinisi ababili okuthiwa bazuza kulenkohlakalo, uMnu Maphoko Kgomoeswana noMnu Antonio Trindade.