Nokho akanawo umlando wokunqoba izicoco
SENZO SOKHELA
WENZE isethembiso ku-balandeli be-Orlando Pirates umqeqeshi omusha wale kilabhu uJosef Zinnbauer odabuka eGermany.
USihlalo we-Orlando Pirates u-Irvin “Iron Duke” Khoza ushaqise abathandi bebhola ememezela uZinnbauer njengomqeqeshi omusha wale kilabhu.
Uthatha umsebenzi olaxazwe nguMilutin “Micho” Sredojevic osanda kuxoshwa yiZamalek yase-Egypt. Bekubambe uRhulani Mokwena ohluleke wancama ukukhiqiza imiphumela kwaze kwaba uyaqheliswa.
Nokho kuthiwa uKhoza umanga-ze kwalona ithimba labaqeqeshi njengoba kuvela ukuthi belingazi ukuthi umatasa uthungatha umlolongi. Kuvela nokuthi kudala aziqala izingxoxo nalo mqeqeshi, wukuthi amakhadi akhe ubewadlalela esifubeni.
UZinnbauer wenze isethembiso kubalandeli bale kilabhu.
“Okokuqala nje okumqoka wukuthi ngingumuntu okhonze ibhola elisheshayo futhi ngithanda ukuba ikilabhu engiyilolongayo iligcine ibhola, ingaphisani ngalo noma kanjani.
“Ngikholwa wukuthi iPirates inabadlali abaseqophelweni eliphezulu abazongena khaxa esitayeleni sami. Nokho engifuna ukukuthembisa abalandeli wukuthi ngizosebenza ngokuzikhandla ukuze le kilabhu ibuyelwe yisithunzi,” kusho uZinnbauer.
Umlando omfushane kaZinnbauer:
Lo mqeqeshi ungowokuzalwa eSchwandorf, eGermany. Uneminyaka yobudala ewu-49.
Ulidlalile ibhola esigabeni esikhokhelayo elihlikihla esiswini.
Ugijime emakilabhini anomlando eGermany okungabalwa kuwona iFSV Mainz 05 neKarlsuher SC ukubala ambalwa.
Uqale ukuqeqesha ngo-1996 ecija i-SK Lauf yakhona eGermany.
Uqashwa yiBucs nje, ubegcine ukusebenza ngo-2017 ebekwiSt Gallen yaseSweden ayilolonge imidlalo ewu-63, wanqoba ewu-19, wadlala ngokulingana kwewu-14 wehlulwa kwewu-30.
Selokhu eqale ukuqeqesha akakaze anqobe nkomishi.