Yimizuzu ewu-90 esizocacisa ngezifiso zabaphathi beRoyal AM ngePSL
MFANAFUTHI NDLOVU
YIMUZUZU ewu-90 nje kuphela eseyihlukanise iRoyal AM, ephethwe ngumama nendo-dana, ekuziqo-pheleni umla-ndo ngokungena esigabeni seDStv Premiership ngesizini yayo yokuqala ibunjiwe.
Le kilabhu isungulwe ngasekuqaleni kwalo nyaka ngesikhathi uShauwn Mkhize (osesithombeni) ethengela indodana yakhe, u-Andile Mpisane (20), iReal Kings kuBongani Ngidi.
Le kilabhu imelwe wukunqoba umdlalo wayo wokugcina weGladAfrica Championship ezowugijima neCape Town All Stars ngeSonto ngo-15h00 eChatsworth Stadium, eThekwini.
Kumele iphinde imincele ukuba iSekhukhune United esesicongwe-ni, ingawunqobi umdlalo wayo wokugcina neJDR Stars ongosuku olufanayo eGiant Stadium, ePretoria.
ISekhukhune ihlale esicongwe-ni emuva kokunqoba icala ebili-dlulisile okwenze yagixabezwa ngamaphuzu amathathu.
Uchaze ngokumvusele
iminjunju, wakhala
UShauwn utshele ILANGA ngoLwe-sibili ntambama ukuthi konke usekubeke kuNkulunkulu ukufeza izifiso zendodana yakhe osekuneminyaka ewu-7 bezama nayo ukuba nekilabhu edlala esigabeni esikhulu kodwa kungalungi.
Kuzokhumbuleka ukuthi wathenga iSivutsa Stars ngo-2014, bayiqamba ngeRoyal Eagles kusona lesi sigaba esikhiqizela esikhulu amakilabhu asevuthiwe. Nokho le kilabhu kugcine kuqubuka umbango ngobunikazi bayo phakathi kukaSbu Mpisane noShauwn beno-Andile.
Lokhu kuholele ekutheni baxebuke kuyona uShauwn no-Andile nyakenye, bayishiya noMpisane okwenze yagencwa yizembe
yashoveleka esigabeni sama-amesha seSouth African Football Association (Safa) KwaZulu-Natal ABC Motsepe League.
Nakulesi sigaba i-Eagles
seyiphinde yadliwa wumgxala njengoba
seyizodlala kwiRegional League.
UShauwn, obonakale ekhihla isililo ngesikhathi ezakhe zithela kamuva njengembumba emdlalwe-ni wazo ne-University of Pretoria ngeledlule zinqoba ngo-2-1 ekuhambeni ePretoria, uthe: “Ngivele ngavukwa wumunyu, kwabuya bonke ubunzima esidlule kubona no-Andile ukubeka ikilabhu lapho isikhona njengamanje.
Bubuye bonke
ubunzima enqindwa
yimithetho ye-PSL
“Ukutabalasa eminyakeni ewu-7 edlule, ngehluleka ukufakela u-Andile ikilabhu esigabeni esikhulu yikhona okuvele kwangikhalisa.
Kubuye ubuhlungu engibhekane nabo (siphuma kwi-Eagles) ngesi-zini edlule okuphoqe ukuba ngizame ukutholela abadlali abebe-nezinkontileka nathi ikilabhu ukuze bangahlali bengenzi lutho.
“Ngigcine sengiba ngabaxhasi beKings ngoba umthetho olawula unobhutshuzwayo wakuleli bewu-nginqinda ukuthenga ikilabhu ngesizini edlule.
“Kunesikhathi lapho kuke kwavela khona ithuba lokuba nekilabhu esigabeni esikhulu kodwa izinto zabuye kazaze zenzeka ngendlela ebengifisa ngayo. Konke lokhu kuvele kwabuya
sengibona iphupho lendodana yami sekuseduze ukuba lifezeke,” esho.
Uthi ulwa nokugqugquzela aba-dlali bakhe ukuqinisekisa ukuthi babuya namaphuzu agcwele
emdlalweni ne-All Stars.
“Konke sengikubeke ezandleni zikaNkulunkulu manje. Uma Yena esevumile ukuthi ikilabhu inyukele esigabeni esikhulu, kakukho muntu wasemhlabeni ongaphaza-misa icebo laKhe,” kusho uShauwn.
Abalandeli
bahlelelwe injabulo eMax Lifestyle
Uveze ukuthi njengoba kusabhoke iCovid-19 nje enqanda abalandeli ukuba bangayihambeli imidlalo ezinkundleni, uhlele ubhazabhaza kamabonakude endaweni yobu-mnandi yaseMlazi, iMax Lifestyle lapho bezokwazi khona ukuyobuka lo mdlalo.
Uthi unethemba lokuthi imiphu-mela izovuna ezakhe ukuze emuva komdlalo bezohambela le ndawo ukuyobungaza nabalandeli bale kilabhu abebengquzuka ngezinkani ngesikhathi izwe lisavuliwe isabizwa nge-Eagles, nangesikhathi lezi zikhulu seziyingxenye yeKings ngesizini edlule.
Uthi ukuphumelela kokungena kwe-AM esigabeni esikhulu kuyosho nokunqoba kwabantu besifazane ukukhombisa ukuthi ba-ngakwazi ukubamba iqhaza
elibhekile ekuphathweni kwama-kilabhu kanobhutshuzwayo, okuwumdlalo ochume kakhulu ngokuthi ungowabesilisa.
“Ukuba khona kwami empumelelweni ye-AM, ngiseduze kuka-Andile, kuyinto enginethemba lokuthi izokhuthaza nabaningi besifazane ukungena kunoma ngabe yimiphi imikhakha abafisa ukuba kuyona, kungakhathalekile ukuthi kukhonya abesilisa kuyona.
Unethemba lokuba
yisibani nakwabanye besifazane
“Phela kakumele sithathwe ngokuthi umsebenzi wethu wukukhiqiza izingane nje, besesiphilela ukuhlala emakhishini sipheke.
“Nathi siyakwazi ukubamba iqhaza elibonakalayo ezintweni ezibukeka zinzima, kungabi
sengathi zingenziwa ngabesilisa kuphela,” kusho uShauwn.
Uqhube ngokuthi nakuba aba-ningi becabanga ukuthi impilo iwuju nezinyosi esigabeni esikhulu, kodwa ucwaningo lwakhe lumve-zele ukuthi kakusiniswa amahleza kwiDStv Premiership, kumele uzibambe ziqine uma ufuna ukuzinza kulesi sigaba
okunezindlondlo zakhona.
“Phela ngisazi njengoba ngizazi lesi sigaba (seGladAfrica) ngenxa yesikhathi eside esengisichithe kusona.
“Lesi esibheke kusona sinzima kakhulu. Nokho sizimisele ngokusifunda sigijima uma sikwazile ukunyukela kusona ukuze si-ngaphenduki izivakashi khona,” kusho uShauwn.
Uthi uma imiphumela ingamvumi ngempelasonto, ududuzwa wukuthi uzothola elinye ithuba lokulwela ukunyuka njengoba ezakhe sezivele seziphakathi emi-dlalweni yama-play offs ezizoyidlala nekilabhu ezoqeda iwunombolo 15 kwiDStv Premiership nezosonga iyisithathu kwiGladAfrica.
mfanafuthi@ilanganews.co.za