Ufikelwa yizinyembezi uthishanhloko oncengwe ngamakhosi esula

295

MTHOBISI SITHOLE

USAZOSEBENZISA izikhathi zakhe zekhefu ukuqinisa amatomu eBizimali High School, eNkandla, uthishanhloko oshiye isigubhukane, kwakhala isizwe. UMnu Ntandoyakhe “Sbonkolo” Ntuli (osesithombeni) obenguthishanhloko wakulesi sikole – ofake incwadi yokwesula wathathwa yihhovisi likaNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli ukuba ayoliqondisa – utshele ILANGA ukuthi usazosithola isikhathi sokuyokwelekelela kulesi sikole. 

Uthe njengoba eshiyile, akesabi lutho ngenxa yokuthi ubaqeqeshe kakhulu othisha. “Ngizozama ngezimpelasonto ukuyofundisa umatikuletsheni uma ngithola ithuba, kodwa ngiyawethembisa umphakathi ukuthi imiphumela yesikole izokuba mihle okwedlula kusekhona mina esikoleni ngenxa yokuthi othisha sebezosebenza kanzima kakhulu. Ngesikhathi ngihamba esikoleni, ngibatshelile ukuthi ukukhiqiza kwabo imi-phumela emihle kuzokwenza ukuba umnyango wezemfundo ungahlali ezithendeni zabo ngoba ingcindezi yoku-sebenza ugadiwe, ibangelwa wukungazinikeli kothisha,” esho.

Uthi ubengakaze azicabange esebenza kwipolitiki, kodwa ngenxa yamadlelo alu-hlaza, kuphoqe ukuba asule isigubhukane. Ubesesalelwe yiminyaka emithathu athathe umhlalaphansi esikoleni. “Kakubanga lula ukufika esinqumweni sokushiya eBizimali, futhi uma ngicabanga, ngifikelwa yizinyembezi. Nokho ngibone kukuhle ukuyokwelekelela uhulumeni kwenye indawo ngoba kwakungelona iphupho lami ukufela esikoleni. Bekunzima ngincengwa nangamakhosi ezizwe KwaNgono, kwaGodide namanye – nokho bekufanele ngihambe,” esho.

Uthi umsebenzi wakulo nyaka wokufundisa esikoleni, ubesewenzile wonke

UMnu Ntuli uqale ukuphatha iBizimali ngo-1995, ubethatha impesheni ngo-2027. Ngaphansi kobuholi bakhe, lesi sikole besidlisa ngemiphumela emihle kamatikuletsheni, okwenze sadonsa abafundi kuzwelonke befuna imfundo yakhona. 

Kulo nyaka sinabafundi abawu-2 775. Ukusebenza kahle kwalesi sikole kugqame kusukela ngo-2002, saze savakashelwa ngongqongqoshe bezemfundo abehlukene esifundazweni okubalwa kubona uMnu Gabriel Ndabandaba (ongasekho), uNkk Ina Cronje (ongasekho), uNkk Peggy Nkonyeni noMnu Senzo Mchunu.

Previous articleUzofihlwa ngoMgqibelo umsakazi woKhozi
Next article“Uzibizele” ukufa ophuce iphoyisa isibhamu esiteshini samaphoyisa