UDe Bruyne udlale no-Anele Ngcongca weSundowns kwiGenk
UKEVIN De Bruyne odlala kwiManchester City ungomunye wabadlali abahlonishwayo emhlabeni.
Into eyenza ahlonishwe wubuhlakani anabo uma ephethe ibhola.
Lo mdlali unesiphiwo sokuphasa ibhola ngendlela eseqophelweni eliphezulu.
Cishe wonke umuntu osebholeni uyamhlonipha lo mdlali kwazise uma engekho iMan City ivele ifane nemoto edinga isevisi.
UDe Bruyne ungowokuzalwa eDrongen, eGhent, eBelgium.
Ukhule kule ndawo impilo iyinhle ekhaya kwazise abazali bakhe bebemnakekela ngokweqophelo eliphezulu.
Unina ungowokuzalwa eBurundi, kanti uke wahlala iminyaka eminingi e-Ivory Coast.
Ukuhlala kukanina emazweni ehlukene kwenze lo mdlali wakwazi ukukhuluma izilimi eziningana njengoba ekwazi ukukhuluma isiFrench, yisiNgisi nolwase-Germany.
Kodwa olwasekhaya yisiDutch okuwulimi olukhulunywa kakhulu eNetherlands.
Kusukela ngo-2014 usebudlelwaneni bothando noMichele Lacroix ababusiswe ngamadodana amabili okunguMason Milian noRome De Bruyne.
“Ngingajabula kakhulu uma amadodana ami nawo engazihlanganisa nebhola.
“Kodwa-ke ngeke ngiwaphoqe ngizoweseka kulokho akufisayo.
“Basebancane kakhulu okwamanje angikakwazi ngisho ukubona ukuthi yini ngempela abakwazi ukuyenza,’’ kusho uDe Bruyne.
Lo mdlali uqale ukukhahlela ibhola egijima eqenjini langakubo iKVV Drongen ayijoyine ngo-1997.
Ngo-2005 udlulele kwiGenk afike wajoyina isikhungo sayo sokuthuthukisa ibhola.
Ngo-2008 ibe isimnyusela esikimini esikhulu okuyilapho efike wadlala khona no-Anele Ngcongca wakuleli ogijima kwiMamelodi sundowns.
Ngesizini ka-2010/11 ushaye ingcwenga yebhola kule kilabhu wayisiza yanqoba isicoco seligi.
Ngo-2012 weshelwe yiChelsea yase-England wayiqoma.
Ufike kuyona wangenza kahle njengoba egijime imidlalo emithathu nje kuphela.
Ibe isimbolekisa kwiWerder Bremen yaseGermany.
Ufike kule kilabhu wadlala ingcwenga yebhola okuholele ekutheni iWolfsburg yakhona imthenge ngetshe le mali ngo-2014.
Ufike kuyo waqhubeka lapho egcine khona enza ezibukwayo.
Ngo-2015 uqokwe njengeFootballer of the Year khona eGermany.
IMan City engadlulwa lutho ibe isimthatha wasayina kuyona nga-wo u-2015 usuyophela.
Selokhu efike kwiCity ugila izimanga njengoba esehlale kuyona amasizini amahlanu.
Usegijime imidlalo engaphezulu kuka-200 kule kilabhu ethathwa njengenemali eningi emhlabeni.
Kula masizini amahlanu asewahlale kwiCity usenqobe izicoco ezimbili zeligi, ezine zeLeague Cup nesisodwa seFA Cup.
Useke wahamba nemiklomelo emibili ekilabhini yokuba ngumdlali ovelele ngo-2016 nango-2018.
IMan City ibhekene necala elibi lokuphula umthetho weFifa wokungaphumeli obala ngoxhaso lwezimali ukuthi ngempela luvela kuphi.
Kuvela ukuthi ngaleli cala iCity ingase yehliselwe kuLeague 2 wase-England iphinde iphucwe nezinye izicoco.
Abanye abadlali bale kilabhu bathi bazimisele ukwehla nayo ukuze bakuqinisekise ukuthi bayayibuyisa.
“Uma kungagcina kwenzeke kanjalo nami ngingomunye wabadlali abazimisele ngokwehla nayo ikilabhu kuze kube iyabuya.
“Kodwa-ke sihlalele ethembeni ukuthi ingenzeki le nto njengoba icala selidlulisiwe. Uma kugcina kanjalo sizoma nayo ikilabhu, ngiyethemba ukuthi nabalandeli bethu bazokwenza okufanayo,’’ kusho uDe Bruyne.
Okunye ongathanda ukukwazi ngalo mdlali:
Igama: Kevin De Bruyne
Usuku lokuzalwa: 28 June 1991
Iminyaka yobudala: 28
Uzalelwe: EDrongen, eGhent, eBelgium
Ubude: 1.81m
Indawo ayidlalayo: Yisesiswini
Ikilabhu ayidlalelayo: YiManchester City
Inombolo yejezi: 17
Amakilabhu adlale kuwo:
1997/1999: KVV Drongen
1999/2012: Genk
2012/2014: Chelsea
2012/2013: Werder Bremen
2014/2015: VfL Wolfsburg
Imidlalo eqenjini lesizwe:
2008/2009: Belgium U/18 (7 imidlalo), (1 igoli)
2009/2010: Belgium U/19 (10 imidlalo), (1 igoli)
2010/2011: Belgium U/21 (2 imidlalo)
2010: Belgium (74 imidlalo), (19 amagoli)