Ufisa ukuqhoqhobala isikhundla sokuba ngumqondisi wezobuciko

315
NGUBHEKI Mkhwane

LUCKY CAIN

INEPHUPHO lokuba nesikhundla esiqavile eThe Playhouse inkakha yomlingisi edunyazwa wukushabalala nokuphela komkhakha wezeshashalazi KwaZulu-Natal. UBheki Mkhwane ongomunye wabalingisi asebezakhele igama kulo mkhakha nakumabonakude, ube nengxoxo ekhethekile neLANGA Lempelasonto lapho ezwakalise ukudumala kwakhe ngendlela umkhakha wezeshashalazi osushone phansi ngayo kulesi sifundazwe.

Uthe izikhungo ezifana noThe Playhouse, yizona okumele ngabe zidlala indima emqoka ukuvuselela nokubuyisa isithunzi salo mkhakha. Utshele leli phephandaba ukuthi iphupho lakhe elikhulu wukuthi aqhoqhobale isikhundla sokuba wuMqondisi wezobuCiko (Artistic Director) kulesi sikhungo esihlomulayo ngemali yesibonelelo sikahulumeni kazwelonke, isifundazwe noMasipala weTheku. UMkhwane uthi kuyakhathaza ukuthi nakuba lesi sikhungo sihlomula izigidi kuzona zonke izinhlaka zikahulumeni, kodwa kusacweba iziziba kusona kungacaci nokuthi yikuphi esikwenzayo ukuthuthukisa lo mkhakha ngokukhiqiza imidlalo emisha. UMkhwane ubekhuluma naleli phephandaba ngefilimu azobonakala kuyona esihloko sith A Wesley South African Christmas, equkethe abalingisi bakuleli naphesheya kwezilwandle. Uthe okumenze wakwazi ukubizelwa ukuba azodlala indawo kaVusi Dlamini kule filimu, yingenxa yoqeqesho alitholile kwezeshashalazi nokuyilapho ethole isipiliyoni esanele, futhi wazungeza nomhlaba wonke.

“Ngihambele amazwe amaningi ngemidlalo yeshashalazi futhi ngahlangana nabalingisi abaqavile abanohlonze, ngakha nobudlelwano. Ishashalazi yisona sikole sami njengoba ngichithe iminyaka engaphezuliu kweyishumi e-The Playhouse,” kusho yena. Uthi ngesikhathi esakulesi sikhungo, kuningi okwakwenzeka kusona okungasenzeki manje. UMkhwane uthe akafuni ukugxibha nokunyathela abantu amakhona, kodwa lesi sikhungo siyakudinga ukuthi sivuseleleke, sibuyele ekubeni yilesiya sikhungo esasinedumela ngaphambi kokungena kukahulumeni wentando yeningi. Uthe kuyadabukisa ukuthi esifundazweni esinomlando nethalente elingaka, ishashalazi libukeka lishabalala kuhle kwamazolo ebona ilanga. Uqhube ngokuthi kuningi okusamele kulungiswe ngomkhakha wezokulingisa kuleli kwezeshashalazi nakumabonakude. Uthe nakuba inhliziyi yakhe ikwishashalazi kodwa nakumabonakude usengenile njengoba konke kuyingxenye yokulingisa.

Kuzokhumbuleka ukuthi useke wabonakala emidlalweni okubalwa kuyo Isibaya, The River kanti muva nje ubonakale kwiNikiwe esanda kuphela emoyeni ebikhonjiswa kwi-etv. Utshele leli phephandaba ukuthi udumele ngesikhathi etshelwa ngokuphela kweNikiwe njengoba bekuwumdlalo obusengavezela ababukeli okuningi. “Kwadumaza kakhulu ukuphela kwalo mdlalo kanti engingakusho wukuthi ababukeli babanjwa inkunzi, bancishwa ithuba lokuzibonela okwabe kuzokwenzeka kuwona,” esho. Ukhale ngokuthi kuleli kubekwa eqhulwini izinombolo zangaleso sikhathi kunokubheka ukukhula komdlalo.

“Ngokwami lo mdlalo ubunethuba lokukhula ube wumdlalo omkhulu ukube wanikwa ithuba,” kusho yena.

Utshele leli phephandaba ukuthi uma engaqophi, uqeqesha abafundi basezikoleni nasezikhungweni zemfundo ephakeme ngokulingisa. Uphinde wakhala ngokungahlonipheki kwalo mkhakha kuleli njengoba eveze ukuthi kuwona kwamukelwa noma ubani ukuthi azokwenza umsebenzi wabo nakuba engalitholile uqeqesho olufanele, bese kwehlisa izinga lomsebenzi wabo. Uphinde wakhala nangababhali bemidlalo kamabonakude athe iningi labo lisebancane nokwenza kube nzima ukuthi likwazi ukubhala izindawo ezihambisana nabalingisi asebekhulile.

UMkhwane uyincomile ifilimu A Wesley South African Christmas njengoba eyichaze njengehlanganisa amasiko ahlukene endaweni eyodwa nokuyinto ezochaza kakhulu ababukeli ukuthi kuzokwenzekani uma le mindeni ihlangana ukuzogubha uKhisimusi ndawonye.

Previous articleKunamadoda aganiwe angakwenqeni ukuzibambela ekhishini
Next articleAkunathemba ngethimba likaRamaphosa elizokhuculula iTheku