THANDEKA NGOBESE
SELUKUBAMELI udaba lwenyanga-mthandazi yodumo yaseMlazi efuna abasekhweni layo babuyise ilobolo lika-R98 000 emuva kokuxabana nomkhwekazi wayo maqede wathukuthela wayolanda indodakazi yakhe emzini.
UMnu Nhlanhla Cele uselufake kwabeTrevornkosi Attorneys udaba lokuba kubuyiswe le mali athi wayikhipha ngo-2018, elobola uNkz Ntokozo Magoso.
Ekhuluma neLANGA uMnu Trevor Nkosi weTrevornkosi Attorneys, uthe kumanje sebefake iLetter of Demand emndenini wa-kwaMagoso befuna imali kaMnu Cele.
“Ngokwekilayenti lami, umakoti ubehleli kahle emzini, kodwa uninazala wavele waba nokungaboni ngasolinye nalo, walanda indodakazi yakhe emzini ngo-2019. Lokhu kusho ukuthi ubuhlobo abakwa-Cele abebethi bayabakha naba-kwaMagoso, kababemukeli.
“Yilokho okwenza sithi kasinendaba nokuthi bayithathile indodakazi yabo, esesikukhalela wukuthi kubuye okukaMnu Cele ngoba ubuhlobo abebebucela kabusenzekanga,” kusho uMnu Nkosi.
Uthe uma umndeni wehluleka wukukhipha le mali ezinsukwini eziwu-14 abawunqumele zona, bazophoqeleka ukuba baye enkantolo.
Umthombo opotshozele ILANGA lolu daba, uthi uNkz Magoso wahanjiswa yindlala yocansi nendlala nje yokudla emzini njengoba uthi uMnu Cele wayengenaso isikhathi sakhe, ngoba uvele unamanye amakhosikazi amathathu.
UMnu Cele uvumile ukuthi udaba ulufake kubameli bakhe emuva kokuba esebona ukuthi abasekhweni lakhe bambamba inkunzi, bathatha imali yakhe maqede bamphuce futhi umkakhe.
Uthi ngesikhathi umkhwekazi wakhe eyolanda indodakazi yakhe, kayikho inhlamba angamchaphanga ngayo.
“Ngifisa uma seluqulwa enkantolo lolu daba, lufakwe nalolu lokungehlisa isithunzi. Into esayibanga nomkhwekazi wukuthi wayefuna ukungilawula emzini wami.
“Wayethi mangishade indodakazi yakhe umshado omhlophe ekubeni ngase ngiwenzile owesintu. Okunye esakubanga wukuthi wayengena kakhulu ezindabeni zendodakazi yakhe, engafuni uma sengithola abanye (amakhosikazi), engafuni ngibalobole.
“Vele bengingasayidingi indodakazi yakhe ngoba ibiyibhuloho elivimba abanye ukuba bangene lapha ekhaya.
“Ngokuhamba kwayo sengizokwazi ukulamanisa ngabanye abafazi abathathu,” kusho uMnu Cele.
Ethintwa uNkz Magoso uvele wavala ucingo.
Udadewabo, uNkz Khanyi Magoso, uthe kayikho into abazoyikhuluma noMnu Cele ngalolu daba ngoba nabo sebelufake kubameli babo.
“Mtsheleni akhulume iqiniso ukuthi kwenzekani phakathi kwakhe nodadewethu, angalokhu enza le nto ayenzayo yokugwema amahlazo akhe esebenzisa ubuqili.
“Ngeke ngikukhulumise nomama, tshelani uMnu Cele anitshele iqiniso ngoba kayikho le ayishoyo. Siyohlangana naye enkantolo,” kusho uNkz Magoso.