Kuthiwa ubengesabambeki esejola nentombi yasekhweni
JOHN HLONGWA
UFUNGA uyagomela uMnu Siphamandla Mathonsi (32) waKwaNonyeke, eMandeni, uthi ngeke akuthole ukuphumula zingakabuyi izinkomo zakhe eziwu-6 nezimbuzi ezimbili alobola ngazo uNkz Lamlile Ndwandwe (27) wangakubo. UMnu Mathonsi utshele ILANGA ukuthi uzame konke okusemandleni ukuhlenga ubudlelwano bakhe nengoduso yakhe athi yamqoma iyintomi nto njengoba waze wamisa iduku elibomvu eliwuphawu lokuthi intombi emqomile iyintombi nto. Uthi into emdalele amazinyo abushelelezi engodusweni yakhe, wu-R1 000, eyayiwucelile, yangawuthola. “Sengifisa ukuhlangana no-Ayanda Msweli wo-Khozi FM, ngiye ngibone ezixazulula izinkinga zabantu,
mhlawumbe nami angangisiza.
Ngixakekile, ngifuna kubuye izinkomo zami, ingoduso ithi ucu kalusahlangani. “Udaba ngalubika enduneni, sekuphele iminyaka engaphezulu kwemithathu kakwenzeki lutho,” esho. “Sithandane ngo-2014, ngalobola ngawo, ngambesa ngahambisa izinkomo eziwu-6. Ngiqale ukubona ukuthi ubudlelwano bethu sebuqala ukuba muncu ngesikhathi ngiyokwembesa. Ngalolo suku ngalala ekhweni, ekuseni (uNkz Ndwandwe) wavuka wangiphelezela.“Sisendleni, wathi ucela ngimuphe u-R1 000, ngalandula. “Ngambuza ukuthi imali izophumaphi njengoba kade sinomcimbi ongaka. “Wangitshela ukuthi izinto engilobole ngazo kubazali bakhe kazihlangane naye. Kusukela lapho, bese kuthi uma ngimvakashela, athi akekho kubo ngingezi, kodwa uma ngifonela abasondelene naye, bathi ukhona.
Sekuze kwashona abazali bami nomkhongi omkhulu, okuyibona abebehamba phambili kulolu daba,” esho. Uthi uke wamubamba oqotsheniuNkz Ndwandwe ukuthi useyajola. “Abazali bengoduso bayithuthela endaweni ababecabanga ukuthi kangiyazi. Ngelinye ilanga ngazumisa ngayoyibheka, ngafike ngayibamba oqotsheni ukuthi inobudlelwano. Lwaxoxwa lolo daba ngayixolela,” kusho uMnu Mathonsi. Induna yasoKhovothi, kwesakwaMathonsi, uMnu Vela Shandu, ithe udaba lwabikwa kuyona. “USiphamandla walubika udaba lokuthi ubambe ingoduso yakhe neshende, usefuna kubuye izinkomo zakhe. Ngawubiza umndeni wakwaNdwandwe ukuba kuzoxoxwa. Wakhombisa ukuthi usayithanda ingoduso yakhe, ngabanika ithuba ngathi abazame ukuxoxa.
Sekumele kuxoxwe okwesibili, kwaphazamisa imvula. ILANGA liye kubo kwengoduso langayithola, lafica unina, uKa-Majola onqabile negama lakhe. Uveze ukuthi uMnu Mathonsi ubehlukumeza, eseqonywe emndenini, izinkomo alobolo ngazo zafa zonke. “Umkhwenyana ubehlukumeza ingane yami, uyiyekise umsebenzi. Uke wafika lapha ekhaya wayijaha igceke lonke. Uma ngibuza ukuthi kwenzenjani, wathi kayimhloniphi, ucela izinkomo zakhe. Izinkomo alobola ngazo zazingakulungele ukufuywa, zafa zonke naye wabikelwa ngalokho. “Eyezimbuzi ezimbili, eyodwa yayiyizinyane yafa enye kwenziwa ngayo usiko lwengoduso yakhe ngelanga lomcimbi wokwembesa. “Uzonele kakhulu eseqonywa yingane yasemndenini ekhaya elikhulu. Ubeze azishaye isifuba ethi ngeke ayeke intombi yena uma eyithanda.
Yahlukumezeka kakhulu indodakazi yami. Sizolinda induna ukuthi iqhubeka nini nodaba,” kusho uKaMajola. Isazi samasiko, uMnu Sazi Mhlongo, sithe yimbedumehlwane le eyenzekile. “Ukufa kwezinkomo kungakashadwa kubi, kodwa kuzomele umkhwenyana agwinye itshe. “Uma udaba selubikwe enduneni, kuzoya ngayo ukuthi umthetho wesizwe uthini. Ngeke umkhwenyana akwazi ukuthola zonke izinkomo ngoba ungathola ukuthi usehlokolozile ngesikhwili, lokho kukodwa kuyinkomo. Kungenzeka kubuye eyodwa noma ezimbili,” kusho uMnu Mhlongo.