Ufuna u-R1.15 million owahlaselwa ngabaqaphi bakaMashatile

927

INTATHELI YELANGA

ESINYE sezisulu ezahlaselwa
ngonogada besekela likamengameli wakuleli, uMnu Paul Mashatile (osesithombeni), ngoNtulikazi (July), sifuna uMnyango wamaPhoyisa, usinxephezele
ngo-R1.15 million

Onogada bakaMashatile abawu-8, babonakala kwisithombemnyakazo (video) beshaya bephindelela abalisa abathathu ababehamba ngeVW Polo. 

Inhlangano i-Action Society, ithi izolekelela umshayeli wemoto ukufaka amaphepha okuphoqa umnyango ukuba umnxephezele ngemali, ngokubambisana
nehhovisi loMkhuzi
wamaPhoyisa, uGen Fannie Masemola. 

Ngokusho kukaMnu Ian Cameron, ongumqondisi kule nhlangano, sebelindele ukunikwa usuku lokuya enkantolo, kanti namaphepha asenkantolo
azothunyelelwa kungqongqoshe walo mnyango, uMnu Bheki Cele
nakuMasemola maduze. 

“Umshayeli usesinikile imvume yokummela enkantolo, sesiqalile ukulungisa amaphepha ngaleli cala okubandakanyeka kulona amaphoyisa awu-8,” kusho yena. 

Kulesi sigameko sokushaywa kwalaba balisa abathathu, kuthiwa umshayeli wemoto washiywa equlekile. 

Ababekwe amacala nguMnu Shadrack Molekatlane Kojoana, nguMnu Johannes Matome Mampuru, nguMnu Pomso Joseph Mofokeng, nguMnu Harmans Madumetja Ramokhonami, nguMnu Phineas Molefo Boshielo, nguMnu Churchill Mpakamaseni Mkhize, nguMnu Lesibana Aggrie Rambau noMnu Moses Fhatuwani Tshidada. 

Babhekene namacala awu-12 umuntu emunye, okubalwa kuwona elokukhomba ngesibhamu, wukushayela budedengu, wukulimaza impahla, wukushaya kanzima ngenhloso yokulimaza, wukuzama ukuphazamisa ukusebenza komthetho nokusabisa. 

Icala labo lihlehlele umhla ka-9 kuLwezi (November) njengoba kusaphenywa. 

Ngokusho kwabe-Action Society, le mali abayifunayo ihlanganisa no-R50 000 wesibhedlela, u-R100  000 wokuthi uma ikilayenti labo lidinga ukuya esibhedlela esikhathini esizayo, u-R1 million oyisinxephezelo ngokuzwiswa kwalo ubuhlungu, wukushaywa nokuningi elibhe-kane nakho ngemuva kwalesi sigameko. 

Ephendula ngokufakwa kwesicelo sesinxephezelo enkantolo, uCele, uthe nanoma ngubani unelungelo lokuya enkantolo uma engagculisekile ngokuthile. 

Previous articleLisindiswe wukuya enkonzweni ikhansela okubulawe umyeni walo
Next articleIkhwelo ngokuvikela izaguga ezisolwa ngokuthakatha