Bathi izingane kazisakwazi nokudlala ekhaya ngenxa yawo
NONHLAKANIPHO SHINGA
UCETSHISWA ngokuthi uyolanyulelwa wukuthutha endaweni owakhe kuyona umndeni wakwaMlambo, Kwamusi, KwaNongoma osuphenduke ondingasithebeni ngenxa yokuhlaliswa lubhojozi ngamatsheketshe agcwele igceke. Kuthiwa uma kuphela umuthi wokuwaxosha, lo mndeni kawulali nhlobo, ebhilitile amatsheketshe. UMnu Sandiso Mlambo (34), uthi umuzi wakubo wakhiwe ngasedanyini obekunamatsheketshe eduze kwalo. “Amatsheketshe siwazela kuleli damu, kodwa nakhona kalikho eduze kangako nasekhaya. Besingakaze ke sizitshele ukuthi ngelinye ilanga sizobe sesingakwazi nokuhlala ngokukhululeka ekhaya ngenxa yawo,” kusho uMnu Mlambo.
Ubekhuluma neLANGA ekubo. Uthi izingane kazisakwazi ngisho ukudlala egcekeni ngoba akumeki ngisho isikhathi esingangomzuzu, uthi uma nje, aqale akhuphuke ngemilenze. “Angena ezicathulweni nasemasokisini,” kusho uMnu Mlambo othi anyuka ngemilenze nje, kawazibekile phansi, ayancinza. Uthi ekhishini kubusa wona ngenxa yokuthi ayawuthanda ushukela. Uma kuke kwabanento engavalekile kahle, iyonakala ngoba agcwala kuyona. “Le nto yaqala ngo-2018, ngayibona ngibuyile eGoli lapho ngihlala khona ngokomsebenzi. Ngazitshela ukuthi yinto edlulayo nje. Kwathi uma sibona ingadluli, sabikela ikhansela ngoba singasazi ukuthi kuzogcina kwenzekeni.
“Ukuze lapha ekhaya sikwazi ukungena endlini noma silale kahle ngokuthula, kumele sichele igceke lonke ngomuthi omhlophe oyimpuphu obizwa ngoBulala Zonke. “Lo muthi uwu-R25 futhi kumele siwuchele naphambi kweminyango nasemafasiteleni. Uma ungachelekanga kahle, kwakhona akwazi ukudlula, kasilali. Uma ingabanga khona imali noma uma umuthi usiphelele, akulalwa apha ekhaya ngoba agcwala emibhedeni, ezingutsheni zokugqoka nakwezokulala,” kusho uMnu Mlambo. Uthi ikhansela elalikhona phambilini balibikela kodwa bagcina bengasizakalanga ngalutho.
“Nathi kasazi ukuthi wuhlobo luni losizo esingaluthola, kodwa noma ngabe kungaba wumuthi ongakwazi ukusibulalela wona njengoba umama uhlala nabazukulu, akahlali enayo imali yalo muthi. Sicela kunoma ngubani nje ongakwazi ukusisiza, asilekelele,” kusho yena. Kuthiwa ngisho imfuyo yakwa- Mlambo kayisakwazi nokulala esibayeni, igcwala izigange ngenxa yala matsheketshe. ILANGA likhulume noMnu Smanga Mbatha oyikhansela ku-ward 14 ngaphansi kukaMasipala waKwaNongoma, othe uke wayohlanganisa amehlo nalo mndeni, kwamshaqisa akubonile.
“Ngithe ngifika nje egcekeni lakhona, kangikwazanga ngisho ukuma isikhathi esingaphezulu komzuzu, abesegcwele igceke nasendlini ephithizela khona,” kusho uMnu Mbatha. Okhulumela uMnyango wezoLimo KwaZulu Natal, uMnu Mthobisi Makhathini, ucele lo mndeni ukuba ushayele ucingo ihhovisi labo elingaphansi kukaMasipala wesiFunda, iZululand lapho uzosizakala khona. “Kuleyo nombolo esizobanika yona bazosizwa ngokuxhunyaniswa nomuntu womnyango ongumeluleki, osebenzela kuleyo ndawo.
“Uzohamba ayobheka ukuthi badingani nokuthi bangasizwa kanjani,” kusho yena. Esinye isikhulu esisebenza kuwona lo mnyango esingavunyelwe ukukhuluma nabezindaba sithe kuyenzeka ukuthi indawo ithandwe ngamatsheketshe noma izintuthwane, inkinga wukuthi kawasuseki ngoba kusuke kukhona okuwahehayo okusemhlabathini.“Amatsheketshe athanda kakhulu indawo eneziduli, okungenzeka ukuthi lo muzi wakhiwe endaweni enazo. Isixazululo wukuthi kulokhu kufuthwa noma kuthuthe wona umndeningoba ngeke athutheke amatsheketshe,” kusho sona.
nonhlakanipho@ilanganews.co.za