NONHLAKANIPHO SHINGA
NJENGOBA uMandulo (September), uthathwa njengenyanga yezokuvakasha eNingizimu Afrika – lapho kusuke kukhuthazwa abantu ukuba bahambele izindawo ezahlukene ezifundazweni ezakha leli lizwe, kukhuthazwa nabakwamanye amazwe ukuba bahambele kuleli, leli phephandaba likhulume noNkz Nosipho Shozi (35), waseNyangwini, eMthwalume, osezakhele igama kwezokuvakasha. Le ntokazi inenkampani, iNost Travel & Tours, evakashisa abantu ezindazweni ezahlukene eNingizimu Afrika nakwamanye amazwe. Ngesikhathi ikhuluma naleli phephandaba, ibisesikhumulweni sezindiza i-OR Tambo, eGoli, ilibangise eMauritius. Le nkampani wayisungula ngo-2020, okwathi ezenezinyanga ezimbili esebhizinisini, kwavalwa izwe.
Njengomuntu osehambele amazwe amaningi yedwa, futhi wahamba nabantu abasuke behanjiswa yinkampani yakhe, uthi uyaye abakhuthaze abantu bakuleli ukuthi uma amaphakethe ebavumela, bahambele amazwe ngoba ukholwa wukuthi kuhlala kukhona okusha ozokufunda uma uya kwamanye amazwe.
“Ngingakhuthaza abantu baseNingizimu Afrika ukuthi baqale bahambele izindawo zakuleli – njengoba sinezifundazwe ezahlukene – bahambele amazwe angomakhelwane. Kwesinye isikhathi yilapho ufike ubone khona ukuthi njengezwe sikhululeke kangakanani uma ukwamanye amazwe, ikakhulukazi lawa anemithetho eqinile,” kusho yena.
Phakathi kwamazwe asewahambele, ubalule iZimbabwe, iZambia, iBotswana, iMozambique, iSwaziland, iLesotho, iKenya, iTanzania, i-Egypt, i-Thailand, i-Unites Arab Emirades, i-Qatar, iMalasia ne-Indonesia.
Uthi-ke yize abantu abaningi bakuleli bekukhonzile ukuhambela amazwe, kodwa ngokuvakashela kwakhe la mazwe, kuningi asekufundile futhi ayaye aqaphelise ngakho amakhasimende akhe, ngaphambi kokuhamba nawo.
“Okokuqala nje, kubalulekile ukwenza ucwaningo oluphelele ngezwe osuke ulihambela, ngoba izwe nezwe linemithetho yalo, yinkolo ezongahambisani noyijwayele, yindlela yokuziphatha nokunye okuningi. Kubalulekile nokubheka nezinga lokuphepha kulelo lizwe, ikakhulukazi uma uhamba wedwa noma kunabantu ozohambisana nabo,” kusho yena.
Uthi kulabo abahlela ukuhambela amazwe, kubalulekile ukuthi ube nomshwalense wezempilo (health insurance) ukuze kuthi uma kukhona okwenzeka kuwena ukwelinye izwe noma ushona, ungabi nenkinga. “Ngesikhathi wenza ucwaningo, bheka ovumeleke ukukwenza, indlela yokugqoka, ukuziphatha, ukuphepha kanjalo nokuthi imali yethu izoba yimalini uma usukulelo lizwe njengoba amazwe amaningi esakhetha ukusebenzisa idollar lase-United States of America. Kwamanye amazwe ungezwa kuthiwa imali yakhona kayinamandla kunemali yethu, kodwa ufike khona besebenzisa i-dollar lase-USA, kuphinde kube nemali abayifaka ngaphezulu uma sebekushintshela imali yakho.
“Kunamazwe okungavumelekile nhlobo kuwona ukuveza umzimba, aphinde aqhakambise inkolo yawo uma uye kuwo, okubalulekile ukuthi ngesikhathi uhlela ukuhamba, ubheke ukuthi kakukho yini abakwenzayo okungagcina kukuvimbela ukuthi wenze obufisa ukukwenza,” kusho yena.
Uthi kunamazwe, ikakhulukazi awaseMiddle East, okuqashelwayo ukuthi ugqoka kanjani uma uphambi kwabantu.
“Laphayana ngisho kuvela unwele, kuba khona okubizela eceleni athi fihla izinwele noma uma uveze ingalo athi ifihle. Kubona yindlela abaphila ngayo nabalindele ukuthi izivakashi zigcine leyo mithetho,” kusho yena.
UNkz Shozi uthi kunamazwe othi ufika kuwona ube utshelwa ukuthi kawukwazi ukuphuza amanzi asempophini ngoba kawaphephile.
“Kakukho lapho kungenazo izinto zakhona, ngakho-ke ngiyaye ngithi uma uzohamba makubekhona umuntu osekhaya owaziyo ukuthi yiziphi izindawo ozozihambela futhi noma yini oyenzayo, qinisekisa ukuthi kunomuntu omtshelayo. Mina ngijwayele ukuhamba ngedwa. Njengomuntu wesifazane kumele ngiqinisekise ukuthi kangizitholi ngisendweni nami engingayiboni kahle. Kubalulekile ukuthi nomuntu ozaziyo ukuthi usuku nosuku ngizokwenzani ukuze kuthi uma ngiba nenkinga bakwazi ukuthi kumele kubhekwe kuphi,” usho yena.
Uthi kubalulekile futhi ukugcina amaphepha akho abalulekile njenge-passport ephephile, ukuze ungabi nenkinga.
“Ngiyaye ngithi yenza ama-photocopy ezinto ezibalulekile kube yiwo ohamba nawo ungahambi namaphepha uqobo. Kungcono uwagcine ehhotela evalelekile zikhathi zonke. Kubalulekile nokuthi uma usesikhumulweni sezindiza ungathembi muntu ngezimpahla zakho. Uma uphethe isikhwama, qinisekisa ukuthi sivalekile futhi kawusiniki muntu. Kunabantu abazithola besenkingeni ngenxa yokungaqikeleli, kwase kubakhona abantu abaganga ngezinto zabo,” kusho yena.
Uthi akufundile ngamanye amazwe, njengeZimbabwe, yindlela abantu bakhona abanobuntu ngayo, ngisho bebhekene nezimo ezimbi.
“Ngike ngafika eTanzania ngabona ukuthi kunabantu abaphila impilo enzima ngendlela exakile, kodwa banomuntu, bayabanakekela abanye abantu, yize besezweni elingakathuthuki njengoba kwezinye izindawo bengenayo nengqalasizinda. Lokhu kukwenza ubone izinkinga zakho zizincane, uqonde nokuthi umhlaba mkhulu kangakanani. EBotswana ngabona ukuqina komthetho wakhona, ngoba ngeke uhlangane nephepha phansi. Kunemithetho egcina leliya lizwe lihlanzekile. EThailand ngabona ukuphepha okuyisimanga, uyakwazi nokuhamba phakathi kwamabili uphethe umakhalekhukhwini ngaphandle kokwesaba,” kusho yena.
UNkz Shozi uthi kubalulekile nokubheka isimo sezulu uma uzohambela izwe elithile, ukuze wazi ukuthi uzokwazi yini ukwenza konke ofuna ukukwenza ngaphandle kokuphazanyiswa yisona.
“Uma uzohambela indawo ovakashela kuyo, makube nezinto ozozenza, ungaze ufike kulelo lizwe ungazi ukuthi uzokwenzani. Nakhona uma uhambela izwe, ungabe usuba namaphaphu aphezulu kakhulu yikhona uzokwazi ukujabula. Uma ungumuntu okhonze ubumnandi, yazi izindawo okumele uzihambele ngoba kunamazwe othi uma uye kuwona, ungakutholi lokho, kepha kube yizindawo zokuphumula nje ongeke uzithakasele,” kusho yena.
Uthi impumelelo yakhe kulo mkhakha, wukuthi ngaphambi kokuba ahambise izivakashi ezweni elithile, uqale alihambele ukuze abe nokuqonda izindawo nezinto ezahlukene ngalo. Njengamanje unabantu abaqashile abasebenza ngaphansi kwakhe kuleli bhizinisi, unama-H1 (Hyundai) awu-6, okungawaleli bhizinisi, athutha ngawo amakhasimende akhe uma ehambela izindawo ezahlukene kuleli. Ubuye avakashise abantu abahlukene ezindaweni ezahlukene kuleli njengaseMpumalanga; yiseziNtabeni zoKhahlamba noNdi; yise-Oribi Gorge, ePort Shepstone, yise-Cape Town nase-East London.
nonhlakaniphos@ilanganews.co.za