Uthi zizovalwa lingakapheli isonto izikhala ezivulekile kwiKhabhinethi yesifundazwe
BHEKI NDLOVANA
KULINDELEKE ukuba zivalwe noma nini kusukela namhlanje ngoLwesine izikhala ezivulekile kwiKhabhinethi yesifundazwe saKwaZulu-Natal kulandela izinguquko zakamuva kuhulumeni. UNdunankulu omusha wesifundazwe, uNkk Nomusa Dube-Ncube, ofungiswe izolo, eMooi River, lapho bekwenzelwe khona umhlangano oyisipesheli wamalungu eSishayamthetho, ukuqinisekisile ukuthi kuzophela leli sonto izikhala sezivaliwe. Izikhala ezivulekile ngesikangqongqoshe woMnyango weziMali, obuphethwe nguyena uNkk Dube-Ncube, nesikangqongqoshe woMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho nezokuVakasha, esivuleke kuleli sonto kwesula kukaMnu Ravi Pillay kuso nasekubeni yilungu leSishayamthetho sesifundazwe Khona izolo, ngaphambi kokufungiswa kukaNkk Dube-Ncube, othathe izintambo kuMnu Sihle Zikalala, osule ngeledlule, kufungiswe ilungu elisha le-ANC eSishayamthetho, uDkt Ntuthuko Mahlaba.
UDkt Mahlaba, ongene esikhaleni sikaMnu Ravi Pillay, kubhekwe ukuba abe ngomunye wongqongqoshe abasha okulindeleke ukuthi bamenyezelwe nguNkk Dube-Ncube. Amahlebezi asabalale ezinsukwini ezedlule athi kungenzeka uDkt Mahlaba aphathiswe uMnyango wezeMpilo, bese kuthi uNkz Nomagugu Zulu, okumanje uphathiswe lo mnyango, ajutshwe kowezeMfundo. Kulezo zinguquko ezizomenye-zelwa ngundunankulu omusha, kulindeleke ukuba livele negama likaMnu Siboniso Duma onguSihlalo omusha wenhlangano ebusayo esifundazweni. Nakuba kungekho lutho oluphathekayo osekuqinisekisiwe, amahlebezi athi kungenzeka uMnu Duma aphathiswe uMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho nezokuVakasha.
Elinye igama okulindeleke ukuba lingene kongqongqoshe abasha ngelikaNkk Amanda Bani-Mapena, ovele uyilungu leSishayamthetho.UNkk Dube-Ncube, ofungiswe yiJaji uMjabuliseni Madondo, obambe esikhundleni sikaMengameli wamaJaji KwaZulu-Natal, uzibophezele ngokuthi lesi sikhundla uzosiphatha ngokuzinikela nenhlonipho. Uthembise ukuthi iHhovisi likaNdunankulu lizoqapha futhi lihlole njalo yonke iminyango kahulumeni wesifundazwe, iziUfungisiwe undunankulu Uthi zizovalwa lingakapheli isonto izikhala ezivulekile kwiKhabhinethi yesifundazwe UNDUNANKULU omusha uNkk Nomusa Dube-Ncube ofungiswe izolo yiJaji uMjabuliseni Madondo, obambe njengoMengameli wamaJaji KwaZulu-Natal. nhlaka zikahulumeni nomasipala ngokuhanjiswa kwezidingongqangi emphakathini.
Uthe futhi ihhovisi lakhe lizoqhubeka nokuqikelela ukuba wuhulumeni oqotho, nonakekelayo. Uqhube wathi bafuna ukuthi izisebenzi zikahulumeni zikhombise ukuthi zimele uhulumeni ononakekelo, futhi ophendulayo ezidingweni zomphakathi. Uphinde wathembisa nokuthi bazoqikelela ukwenza izinto ngendlela esobala, nokuphatha ngendlela efanele emazingeni wonke kahulumeni, abazokwenza ngokubambisana nezinhlaka okubalwa kuzo iKhomishini yamaLungelo aBantu, yiHhovisi loMvikeli woMphakathi, kanye noMcwaningi Mabhuku Jikelele. “Siyazibophezela lapha namhlanje, ngeke abantu bezisole ngokuthi uKhongolose ubuse lapha KwaZulu-Natal, ngoba sizokwenza konke okusemandleni ukuthi nalabo abangakabi nawo amanzi, izindlu, nabaswele imisebenzi. “Ukusebenza kwethu kwazo zonke izinsuku kuyoba wukubhekelela izidingo zemiphakathi yakithi. “Sizokwenza isiqiniseko sokuthi u-Operation Sukuma Sakhe uyaqhubeka nokuba yiznsika ezizokwazi ukuhlanganisa uhulumeni nemiphakathi yakithi,” kusho uNkk Dube Ncube.
bhekin@ilanganews.co.za