Ugabe ngabodumo kwiComrades Martathon umjaho waseMgungundlovu

353

MZWAMANDLA ZONDI

IZOKUBE igabe ngabasubathi abanohlonze i-Amor Grills 10km Challenge ezokuba ngeSonto kusuka ngo-07h15 ekuseni isukela eMsunduzi Athletics Stadium, eMgungundlovu iphelele khona. Lo mjaho – ohlanganisa ne-5km – uzokube ugijinywa okokuqala kulo nyaka kanti abadidiyeli bawo bameme abasubathi abahlonishwayo eNingizimu Afrika. 

Phakathi kwabo kukhona uBongumusa Mthembu waseBulwer (osesithombeni) onezicoco ezintathu zeComrades Marathon, uTete Dijana obe yingqwele yeComrades ngo-2022 nango-2023 – waqopha nerekhodi uma kusukwa eMgungundlovu kubhekwe eThekwini. Kwabesifazane kuzokuba khona noJenet Mbhele osefomini enhle kulezi zinsuku. Lo msubathi waseMzimkhulu unamagolide amabili eComrades nelilodwa leTotalsports Two Oceans Marathon. Omunye umgijimi nguJerry Motsau ophethe irekhodi lakuleli le-1  500m. 

Ngokusho kukaMthandeni Nene we-Amor Grills, inhloso yokumema laba bagijimi wukubasondeza kubasubathi abasakhula, ukuze babone ukuthi uma uzimisele, ungakwazi ukuphila ngalo mdlalo. “Sithe uma sihlela lo mjaho sihlangene neKZN SAPS, sabona kufanele ukuba silethe abasubathi abanohlonze. Kubasubathi esibamemile kukhona nabaphuma ngaphandle kwesifundazwe, ngoba inhloso wukwakha ubudlelwano nakubasubathi bebodwa. Baningi futhi nabasubathi ebesibamemile bamabanga amafushane, ikakhulukazi baKwaZulu-Natal kodwa sangabathola,” esho.

Uthe unethemba lokuthi kuzofika usuku lomjaho sebehlanganise isibalo sabasubathi abawu-700. 

Izinombolo zalo mjaho zizoqala ukulandwa kusasa ngoLwesihlanu nangoMgqibelo e-Amor Grills, esekhoneni lomgwaqo uBoshoff noPrince Alfred ngasesikoleni iPrince Alfred Primary, khona belu eMgungundlovu. 

Izingqwele zizohlomula ngo-R3  000 ngokwahlukana kobulili, neminye imiklomelo. 

Abafuna ulwazi ngalo mjaho bangashayela uSihle Shange ku: 073  470  9842 noma uZandile Kunene ku: 082  566  7197. 

zondim@ilanganews.co.za

Previous articleUMama Joy ugcine ephumelele ukuya kwi-Olympic Games
Next articleUsefunwa nayikilabhu yaseTunisia ocathanyelwa yiChiefs neDowns