Uthi ufuna banqobe oweNamibia ukubuyisa isithunzi seBafana
MFANAFUTHI NDLOVU
UGABE ngesipiliyoni asithole e-Europe uPercy “Lion of Judah” Tau ongomunye wabadlali abamqoka beqembu lesizwe lakuleli iBafana Bafana.
IBafana izodlala neNamibia kowobungani namuhla ngoMgqibelo ngo-15h00, e-Orlando Stadium, eSoweto. UTau ugijima kwi-Al Ahly yase Egypt kanti kuphele isizini edlule evutha engabaselwe. Nokho bekungakacaci ukuthi i-Al Ahly izomisa kanjani ngaye njengoba kuvela ukuthi ifuna ukumdayisela enye yamakilabhu ase-Saudi Arabia. Kuthiwa neMamelodi Sundowns ibimfuna kodwa i-Al Ahly yangayingena kwakuyingena indaba yayo. UTau uthi bakuqonda kahle ukuthi kuzobe kubhekwe lukhulu kubadlali abanesipiliyoni njengoba iBafana iya kulo mdlalo weNamibia. Uthi uthembe isipiliyoni asithole edlala kwiPro League yaseBelgium nakwiBarclays English Premier League.
“Ngiyazi ukuthi abalandeli bakanobhutshuzwayo balindele lukhulu kithina njengabadlali abanesipiliyoni, abadlale emaligini amakhulu, ukuba sidlale ngobunono, sikhombise abadlali abasebancane indlela eya phambili. “Kanginankinga mina nalokho ngoba ukhakhayi lwami luqine ngokwanele manje. “Okumqoka wukuqinisekisa ukuthi siyawunqoba lo mdlalo ukuze izwe lethu lihlale linesithunzi,” kusho uTau.Lo mdlali odabuka eWitbank ubuye wafisela amaBhokobhoko okuhle njengoba esemkhankasweni wokuvikela isicoco seNdebe yoMhlaba eqale izolo ngoLwesihlanu eFrance. Amabhokobhoko azovula ngeScotland kusasa ngeSonto ngo-17h45. Emidlalweni engu-12 iBafana Bafana eyidlale neNamibia, leli qembu likaHugo Broos linqobe imidlalo eyisikhombisa, ladliwa kwemibili, ladlala ngokulingana kwemithathu. Ngemuva kwalo mdlalo weNamibia iBafana izogadulisana komunye wobungani neDR Congo ngoLwesibili ngo-18h00, khona e-Orlando Stadium.
www.ilanganews.co.za