Ugajiwe kwi-Afcon osole imenenja ngokuntshontsha ijezi “aliphiwe” yisilomo saseBrazil

    322

    NGOSIBA LUKA: REV MKHEKHELEZI

    USHIYWE ngaphandle eqenjini eliya kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ngenyanga ezayo e-Ivory Coast umdlali weqembu lesizwe laseGuinea odlalela iFC Arouca yasePortugal, uMorlaye Sylla, ovuke indlobane wanuka imenenja yeqembu lesiswe ngokuthatha ngozwane ijezi ashitshisane ngalo nesiklwibhisi somdlali waseBrazil, uVinicius Jr, ogijima kwiReal Madrid yaseSpain. Lesi sigameko senzeke ngoNhlangulana (June) ngesikhathi iGuinea ibhekene neBrazil kowobungani, lapho uVinicius eqobele phakathi iphenathi eshayelele isipikili sokugcina ekudliweni kweGuinea ngo-4-1. Le phenathi uyiqulele phakathi ngomzuzu ka-88.


    Ngesikhathi kubhekwe ezindlini zokushintshela, ijezi likaVinicius abelinike uSylla, “limile izinyawo – lantininiza nge-speed se-light isuka eLangeni iza eMhlabeni, u-8.20 minutes – layongena esikhwameni thizeni” okungesona esalo mdlali wasesiswini. Lesi senzo siholele ekutheni uSylla asole ozakwabo ukuthi yibo abalebile, ngaphambi kokukhomba ngenjumbane imenenja yeqembu lesizwe, uKaba Diawara.

    USYLLA “enonkulunkulu” wakhe wasesiswini, othanda ukukhononda enkundleni uma emakiwe, uVinicius Jr weBrazil. UVinicius phela ucabanga ukuthi iLa Liga ekaninalume, akufanele yena amakwe. Nali ijezi elimile izinyawo eliphethe umfo kaSylla.

    Uma sizwa, kuthiwa lo mdlali – obezibona esezulwini elincane ngesikhathi ebona abadlali beBrazil, eshutha nabo kuhle kwabalandeli bakaKhuzani sengathi bayaqala ukumbona – uthe: “Hhayi ngeke bolova, iNkosi iphile nina niyathatha, ake sipequlule kojosaka benu, sibone ukuthi akukho lutho yini. Ngiyanazi phela nina, ukweba nakuyela esikoleni. Nawe menenja, veza lowo nxangisuke wakho, uGhana must go, (esho lezi zikhwama ezinkulu ezi-red and white ezinye zi-blue and white), ezivame ukuvela emafilimini aseNigeria. Letha ngipequlule, kungenjalo, kuzochitheka bhodlela linobhiya. Ngeke phela nintshontshe ijezi engiliphiwe yisithixo sami, kucwebe ama-dressing room.”

    Kubikwa ukuthi uSylla wale waphetha ukuxolisa ngalesi senzo sakhe, ethi inja ingabhala i-essay uma exolisa, okungesinye sezizathu ezidale ukuba ashiywe ngaphandle eqenjini eliya e-Ivory Coast. Kuthiwa izikhulu zebhola eGuinea zithe: “Ungasijwayeli amakhekhe e-memorial service wena la, ucabanga ukuthi ungunembe bani ezinambeni! Kawuyi kwi-Afcon, kukhala isicathulo sethu la. Kasidlali thina e-Afrika, usibuze kuKyllian Mbappe owayethi ufuna ukudlalela iqembu lesizwe laseCameron, izikhulu zakhona zafuna intshontsho.”

    Hikhensile ngopfu ma-Afrika!

    LAPHA uSylla wathathwa enkonofele isitobha saseBrazil, uMarcos Aoás Corrêa odume ngelikaMarquinhos, oyibamba emuva kwiPSG yaseFrance.

    Previous articleBuphelile ubudlelwano bukaNgizwe nabaxhasi bakhe
    Next articleIsiphenduke ihlaya eyenkoqoba (17) yaseCameron eqokelwe kwelesizwe