SENZO SOKHELA
UFUNWA eChina umdlali ozakhele udumo egijima kwi-Orlando Pirates obuyele ebholeni emuva kweminyaka embalwa agcina ukubonakala enkundleni.
UBennet Chenene (36) (osesithombeni) umangaze abathandi bebhola esayiniswa yiWilliamsville AC edlala esigabeni esiphakeme e-Ivory Coast ekuqaleni kwale sizini. Usayine inkontileka yonyaka. Usayina nje, ubegcine ukubonakala ebholeni ngo-2015 egijima kwi-University of Pretoria abebo-lekiswe kuyona yiSuperSport United.
Selokhu efike kule kilabhu yase-Ivory Coast lo mdlali, ugila izimanga njengoba isikimu kungesakhe kanti nabalandeli bamuzwa ngaphakathi. Leli phephandaba lithole ukuthi lo mdlali usehehe iso lekilabhu yaseChina okuvela ukuthi imfuna uthuli.
Leli phephandaba lishayela lo mdlali ngalolu daba, uthe: “Kuyiqiniso ukuthi ikhona ikila-bhu yaseChina eke yathinta umphathi wami ithi iyangifuna. Empeleni kakusiyona eyaseChina nje kuphela, akhona nawakwamanye amazwe angithintile.
Le nto ingishayise ngovalo ngo-ba iminyaka yami yobudala isihambile.
“Umphathi wami uthe mangikhohlwe yindaba yeminyaka kwa-manye amazwe, kabanendaba ne-minyaka babheka ukuthi umuntu wenzani enkundleni. Njengamanje ngimincile ukuthi le Covid-19 ingahliphizi izinto zami ngoba kusathule okwamanje kanti nalapha kakwenzeki lutho.
“Nokho uma kugcina kubhedile ngizoqhubeka nokudlala lapsa ekilabhini ngoba bangiphethe kahle futhi bayakubona ukubaluleka kwami.”
Limbuza ngesimo sase-Ivory Coast ukuthi sinjani njengoba iCovid-19 ibhidlange umhlaba wonke, uthe: “Isimo lana kasifani nakwamanye amazwe, le nto kayikho kangakho. Njengoba ngikhuluma nawe nje ibhola lisamile sizivalele ezindlini ukuze inqandwe le nto. Ngiyezwa ukuthi konakele eNingizimu Afrika ngiyacela ukuba abantu bakithi bazivikele ngoba kuyethusa lokhu esikuzwayo.”