SENZO SOKHELA
IYAQINA eyokuthi sesifuna ukuphuma kwi-Orlando Pirates isitobha sale kilabhu esiphenduke isitha sabalandeli emuva kokuba senze iphutha emdlalweni womkhaya. ILANGA lihoshe ngemithombo yalo ukuthi u-Olisa Ndah, odlala emuva kwiBucs, ugaqelwe ngamakilabhu ahlukene njengobaengasadlaliswa kwiBucs. Ujoyine amaBhakabhaka ngesizini edlule esuka kwi-Akwa Stars yangakubo eNigeria. Ufike kwiBucs kwangathi kuhamba kahle njengoba ibidinga isixazululo odongeni lwasemuva obekukhalwa kakhulu ngalo. Nokho usanda kuzakhela isigcwagcwa kubalandeli elifaka ngakubo iBucs iguqiswa ngo-1-0 yiKaizer Chiefs koweligi.
Ugcine ukubonakala kulowo mdlalo. Nokho kuthiwa lo mdlali akasathandi ukuba kwiBucs osekwenze amanye amakilabhu asukumela phezulu njengoba efuna ukumusayinisa. Umthombo waleli phephandaba uthe: “Emuva kwalo mdlalo womkhaya enze kuwona iphutha, kakuphindanga kwaba kuhle kuNdah njengoba ethole ukuhlukumezeka ezinkundleni zokuxhumana. “Usefuna ukuhamba ngoba akasadlaliswa. “ISuperSport United, iRoyal AM neSekhukhune United basibhekile isimo sakhe ngoba bamgaqele. “Nase-Europe akhonaamakilabhu amfunayo, inkinga wukuthi akadlali njengamanje osekwenza asibukele kude isimo sakhe. “Kodwa-ke konke kuzocaca ngokuphela kwesizini ukuthi kumiseka kanjani ngaye.” UMike Makaab weProsport International, okuyinkampani ephethe uNdah, ebuzwa ngalolu daba uthe kakukho angakusho ngaphandle kokuthi lo mdlali ubelimele.