UGatsheni uncome eyokushiywa kweGcokama noKhuzani koweQuantum

466

MTHOBISI SITHOLE

UNCOMA ukusala ngaphandle kwabaculi ababili abayizimbangi umculi kamaskandi, uKhuzani “Gatsheni” Ndlovu, osaqhwakele emncintiswaneni weQuantum, kwiMother of All Maskandi Festival, ozokuba sePeople’s Park, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini mhla ka-6 kuMbasa (April). 

UGatsheni (osesithombeni), waseNtumba-ne, oPongolo, uncome isinqumo sabahleli balo mcimbi ngokushiya ngaphandle uMthandeni “iGcokama Elisha” Manqele noKhuzani “iNdlamlenze” Mpungose. 

Uthe lokhu kuzobeka nabanye abaculi abanezingoma ezimnandi – ezithandwa ngabantu – ethubeni lokuhlomula. 

“Ngizimisele ngokunqoba kulo mncintiswano ngoba kungangisiza kakhulu ukuze ngingene kolunye uhlobo lwebhizinisi lezokuthutha, ngingathembeli emculweni kuphela ngoba mhlawumbe kangisoze ngishaye ama-hit (amanoni) unyaka nonyaka,” kusho uGatsheni.

Uthe kuyona yonke imicimbi ayihambayo, akakhohlwa wukukhankasela ukuwina le Quantum. 

“Abantu bayaqinisekisa kakhulu ezinkundleni zokuxhumana ukuthi bayangivotela, bafuna ngiyithathe le moto,” esho.

Umgqugquzeli walo mcimbi, uMnu Eric Ngobe, uthe abaculi abazonandisa kulo mcimbi, kuzoba ngabasohlwini lwe-top-30 ezokhishwa esontweni lokugcina likaMbasa (March).

Uthe umculi ozolala isibili, uzokhokhelwa ngokuphindwe kabili imali yokunandisa emcimbini. 

   Ugcizelele elokuthi yize iGcokama noKhuzani bengekho ohlwini lwabaqhudelanayo, kodwa bazobe bekhona emacikweni azonandisa ngosuku lomcimbi. 

   Lo mcimbi wesekwe wumsakazo uKhozi FM, yiphephandaba ILANGA nabakwaVIB Mobile.

Uhlu lokuqala lokuvotelwa kwabaculi abahamba phambili lumi kanje (100%): 

– Gatsheni (35.5%)

– Menzi (5.6%)

– Amageza Amahle (4.99%)

– Dumakahle (4.29%)

– Mfezi (4.4%)

– Tornado (3.15%)

– Amadodana entandane (2.82%)

– Skhenqe (2.79%)

– King Nuba (2.71%)

– Qhosha (2.45%)

– Amavukela Mbuso (2.4%)

– Bhacelihle (2.08%)

– Amasoka amahle (2.06 %)

– Solwazi (1.94 %)

– Zondwayo (1.89 %)

– Ezechalaha (1.82 %)

– Thubhobho (1.78 %)

– Bhasini lamula (1.63 %)

– Skhala Nene (1.62 %)

– Somatekisi (1.46 %)

– Gadla (1.45 %)

– Mdumazi (1.42 %)

– 0mhlabuhlangene (1.36%)

– iNkosi Yamagcokama (1.31%)

– Mahostela (1.3%)

– Mzukulu (1.28%)

– Mashelela (1.26%)

– Zinjaziyamluma (1.16%)

– Mntuyenziwa (1.06%)

– NND Internation (1.02%)

mthobisis@ilanganews.co.za

Previous articleKuputshuka ezokungenami kukaMotaung ngabadlali nabaqeqeshi beChiefs
Next articleKuputshuka ezokungenami kukaMotaung ngabadlali nabaqeqeshi beChiefs